Kumenywa  abathandi bomculo baphelele  kowe KZN Namuhla Artists Awards 2023

UMhleli nomsunguli wephephandaba iKZN Namuhla uNksz. Sheila Mhlongo

Kumenywa bonke  abathandi balolonke uhlobo lomculo ukuthi baphelele kwindumezulu yedili lomculo emcimbini wokubungaza iminyaka engu 25 kwasungulwa iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla kanti ngalo usuku kuyobe kuhlonishwa  amaCiko asafufusa aphumelele emcintiswaneni iKZN Namuhla Artists Awards 2023.

Lomcimbi wokubungaza iminyaka engu 25 iphephandaba lasungulwa kanye nokuklonyeliswa kwamaCiko aphumelele emcintiswaneni wokuvotelwa ngohlelo lwe SMS uyobe ubanjelwe eBat Centre eThekwini ngeSonto lomhlaka 24 Septhemba 2023, kusukela ekuseni ngo 10:30 kuya ku 3:00 ntambama, amathikithi okungena uR100 (general) R150 (VIP).

Kulomcimbi kuyobe kukhona lonke uhlobo lomculo kusukela kwi Gospel, Maskandi, Hip hop, Afro pop , Afro Jazz, nezinkondlo ezimnandi.

Ngokusho koMhleli noMsunguli wephephandaba lomphakathi uNksz Sheila Mhlongo uthe lomcimbi wokuhlonishwa kwamaCiko kuzobe kungowesibili njengoba uqale ngonyaka ophelile, wathi inhloso yawo ukuhlonipha uphinde unikeze amaCiko asafufusa ithuba lokuziveza ukuthi nawo aziwe njengamanye asaphumelela endimeni yezobumnandi.

“Siyiphephandaba sizibophezele ekusizeni amaCiko asafufusa ngoba siyazi ukuthi kunzima endimeni yezobuCiko uma ungadumile ingakho nje njalo ngoLwesihlanu siba nekhasi elikhethekile lokugqamisa imisebenzi yawo amaCiko”.Kusho uMhleli.

Umcimbi uyoqala ekuseni ligamenxe ihora leshumi (10:30),  lapho kuyoba nethuba lokushutha izithombe kuRed Carpert , kube nesikhathi sezidlo bese kuqala umcimbi kuthi abaphumelele ngokuklonyeliswe bathole isikhathi sokuphinde bashuthwe izithombe, kugcinwe ngokusikwa kwekhekhe lokubungazwa kwephephandaba kuqhume noshampompo.

Ephetha uMhleli uthe kuyoba kuhle abazophumelela ukuza kulomcimbi babekise indawo yokuhlala ngokuthi bathenge amathikithi asukela ku R100 General- R150 VIP. Lokhu bangakwenza ngokuthumela umyalezo kaWhats App noma ngokufonela inombolo ethi: 076 390 6969 ukuze bathole iminingwane yasebhange lapho bengafaka khona imali ebhange iCapitec.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *