UHLABENE NGENDONDO ENKULU U DJ HLO WASETHEKWINI

Isithombe : Udj Hlo waseThekwini ephende indondo ayiklomeliswe ehlula abenabo kwiqoqo le Best Star DJ of The Year Africa

NKOSIE NTOMBELA

Isilomo sika DJ wase Thekwini uthuse abaningi ehlabana ngendodo enkulukazi e Africa ngaphansi kweqoqo lemiklomelo yama Shining Stars Africa Awards, okuwumcimbi wokuklomelisa wamazwe ngamazwe ohlonipha futhi obungaza abantu ngabanye nezinhlangano ezibamba iqhaza elihle futhi ezenza kahle ezimbonini ezihlukahlukene ezifana nezobuciko, isayensi kanye nezamabhizinisi phakathi kwezinye. Lo DJ owakhipha ingoma eyahlukanisa unyaka “Isibani” uhlomule ngendondo ye Best Star Female of The Year Africa.

Lendumezulu yomcimbi ibibanjelwe eCotton Lounge eSandton, eGoli ngomhlaka

2 Septhemba 2023.

Isikhulu esiphezulu kuma Shining Stars Awards siphawule kabanzi ngenhloso yalomcimbi wokuklomelisa amaciko e Africa

“Inhloso yethu nge-Shining Stars Africa Awards wukugqugquzela umuzwa wobumbano phakathi kwamaciko ase Afrika, abantu abasiza abantu kanye nabanandisayo.Sikholelwa ukuthi ukuqaphela okungcono kakhulu emkhakheni ngamunye ngeke nje kuphakamise izimpumelelo zomuntu ngamunye kodwa futhi kuzoqhubekisela phambili izwekazi lonke ekwenzeni kahle.” kuphetha uMnu Blessington.

Khonamanjalo uDJ Hlo ubonge abalandeli bakhe wathi namanje akakholwa kusanguye losophethe lesicoco kodwa uyabonga ukuba likhona elinye igama elingaphezu kokubonga ingabe usebenzisa lona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *