SHEILA MHLONGO
UMgqibelo womhlaka 4 Novemba kube ubusuku obungeke bukhohlakale emqondweni wabathandi bomculo weJazz, ngenxa yethalente elikhonjiswe izingwazi zomculo weJazz ebeliholwa uVukani Cele, ehambisana noLinda Sikhakhane, Thammy Mdluli, kanye noBrenda Mtambo beqhulula izingoma zabo ezishiye izihambeli zibheme zakholwa ngenxa yobumnandi bazo.
Lelidili lomculo weJazz Session lihlelwe abe Soul and Jazz Foundation, livulwe ngesidlo esiconsisa amathe sakusihlwa, okube sekulandela lona idili lomculo, kuvula isihlabani kweze Jazz uLinda Sikhakhane neqembu lakhe, elandelwa uVukani Cele oyisihlabani somqambi wezingoma kanye nomdlali we saxophony,ongene kwachwaza ihholo, elandelwa umculi uBrenda Mtambo ngezingoma zakhe ezihlabahlosile, kwavala Thammy Mdluli ephelezelwa uyena uVukani Mdluli.
Izihambeli zalelidili lomculo bezibonakala zijabule ngendlela engachazeki ngenxa yobumnandi bezingoma kanye nekhono lokudlala izinsimbi zomculo weJazz ngendlela emangalisayo.Kanti uVukani uthembise ukuthi lokhu bekuseyisiqalo nje, ngoba kuza iJazzy Session yesibili maduze nje.


