Ebeshiyelana inkundla amaCiko akhubazekile nasafufusa  kanye nosaziwayo endimeni yezomculo  kowe ‘WE CAN FESTIVAL’

SHEILA MHLONGO

NgoMgqibelo womhlaka  18 Novemba 2023 kusihlwa ebusuku  amaCiko asafufusa akhubazekile ebeshiyelana inkundla  namaCiko asemkatshubomvu endimeni yezomculo ngesikhathi kuqhubeka umcimbi owaziwa nge ‘We Can Arts Festival’ ePlayhouse Theatre eThekwini, nobekungeyesishagalolunye (9)  selokhu yasungulwa.uMnu Thabani Mazibuko ochaze wathi ngalelidili lomculo we WE CAN FESTIVAL baqonde ngawo ukuxhumanisa abaculi abasafufusa abakhubazekile kanye nalabo asebemkatshubomvu kwezomculo, kanye nokubonisa ukuthi noma umuntu ekhubazekile kodwa naye unalo ithalente kwezobuCiko.

LeFestival ngehora lesikhombisa kusihlwa kanti ivulwe uMnu Musa E. Zulu naye ongusaziwayo okhubazekile, okunguye owamukele izibukeli zalelidili lomculo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *