IMeya yeTheku yethule usonkontileka ozokwakha kabusha isiphehlimanzi eHammarsdale

SHEILA MHLONGO

Ngomhlaka 26 Januwari iMeya yeTheku ukhansela uMxolisi Kaunda ehambisana nePhini leMeya ukhanslela Zandile Myeni kanye nethimba loPhiko lwezamanzi eThekwini uhambele umphakathi wase Hammarsdale ngenhloso yokuyokwethula usonkontileka ozoqala umsebenzi wokwakha kabusha isiphehlimanzi,  (Wastewater Treatment Works) esizokudla isamba sika R260 million.

Ukwakhiwa kabusha kwalesihlanzimanzi kungeminye yemizamo yoMkhandlu weTheku yokwenza ngcono ingqalasizinda yokuphakelwa kwamanzi kanye nokuthuthwa kwendle. Kulonyaka wezimali kubekwe eceleni isamba sika R2.1 billion sokubhekana nalomsebenzi, okuzosiza ukwenza ngcono ukuthuthukisa umsebenzi wokwakhiwa kwezindlu kuphinde kuhehe abatshalimali endaweni yaseHammarsdale.

Khona manjalo uMasipala unxusa izakhamizi ukuthi zingawakhokheli noma zingawathengi amanzi alethwa ngamaloli athwala amanzi asuke ethunyelwe ukuthi ahambise usizo lwesikhashana emiphakathini. Ukuhlinzekwa kwamanzi ngamaloli kumahhala. Uma kukhona omaziyo odayisa amanzi athuthwa ngamaloli, wuhlabe uwulawule.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *