UMalema ubonge abantu baKwaZulu-Natali ngokugcwalisa iMabhida Stadium

Phakathi nendawo uMholi nomsungulu weEFF uMnu Julius Malema ekanye nobuholi obuphezulu eqenjeni okuhlanganisa uMnu Floid Shivambu ngesikhathi engena eMoses Mabhida Stadium.

SHEILA MHLONGO

Umholi we Economic Freedom Fighters (EFF) uMnu Julius Malema  ubonge abalandeli bakhe baKwaZulu-Natali ngokumeseka begcwalisa inkundla iMoses Mabhida eThekwini, ngenhloso yokuyolalela iManifesto yeqembu.

Ethula inkulumo yakhe  uMnu Malema utshele izihlwele zabantu ukuthi iManifesto yeqembu lakhe akusona nje isethembiso kodwa  unehlelo abaludwebile lokuxazulula izinkinga ezibhekene nabantu  baseNingizimu Afrika, wathi kuyamjabulisa ukubona abantu baseKZN begcwalisa izihlalo ezibalelwa ku 55,000 zenkundla iMabhida ngaphandle kosizo lwezinye izifundazwe.

“Ngiyajabula kakhulu ama comrade ase KZN akwaze ukugcwalisa iMoses Mabhida lokhu okucacisa kahle kamhlophe ukuthi iEFF akusilo nje iqembu lesifundazwe esithize njengoba iningi labantu licabanga kanjalo”. Kusho uMalema

Izethembiso zeManifesto ye-EFF:

Iqembu le-EFF lizimisele ukuqenda izethembiso ezingafezeki ezihlale zenziwa amaqembu ezepolitiki ngaphambi kokhetho, lithi uma abantu belinika ithuba liyokwenza njengokwezinto zonke ezibalwe kwiManifesto.

Wathi iManifesto yeqembu le EFF angeke ishiye muntu ngaphandle kodwa bona bayoba uhulumeni obandakanye wonke umuntu ngaphandle kokucwasa.”Asithembisi kodwa siyazibophezela”. Esho. Weleka ngokuthi iManifesto yabo eyamaDomestic workers, amaSecurity,eyothisha, kanye nalabo abacwile enhluphekweni.

Okunye uMalema azibophezele ngakho njengeqembu leEFF udaba lokwenyusa izibonelelo zikahulumeni ziphinda phindeke kabili kunalokhu eziyikho manje, kusukela, kwesezingane, esabakhubazekile, esabantu abadala, kanye nesabantu abangasebenzi okuhlanganisa nabafundile kusukela kumatikuletsheni kuye kuyoshaya kuma graduates wathi bonke bothola isibonelelo uma bengakawutholi umsebenzi.

Abalandeli beqembu le-EFF ezinkundleni zokuxhumana bebejabule kakhulu besho nokuthi “ Nansike inkulumo yesizwe, hhayi lena ebiyethulwa uMengemeli uRamaphosa egcwele izethembiso ezingekho”. Beleka ngokuthi bakhathele inkinga yokucishwa kukagesi, ukwesweleka kwamanzi, ukwesweleka kwamathuba emisebenzi,kanye  nezinga eliphansi lomnotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *