SHEILA MHLONGO
Ngokodaba olucashunwe ekhasini le-website ye SABC,luveza ukuthi luzolalelwa enkantolo yezokhetho eseBloemfontein, ngomhlaka 19 Mashi 2024, udaba olusezithebeni zenkantolo olufakwe iqembu le African National Congress (ANC) oluphikisa ukusetshenziswa kwegama okuqanjwe ngalo iMK Party, njengeqembu lezepolitiki, ekubeni yona iANC, uMkhonto Wesizwe iwuthatha njengophawu lomlando wayo.
Lokhu kuza emuva kokuthi ngenyanga kaSepthemba ngonyaka ophelile, uMnu Jabulani Khumalo wabhalisa iMK Party njengeqembu elizongenela ukhetho luka 2024, lokhu okwenza ukuthi ummeli weANC ubhalele uMnu Khumalo incwadi emcela ukuthi ahlukane nokusebenzisa igama loMkhonto Wesizwe kanye nophawu lwayo
Ngokweqembu leANC lithi ukuqanjwa kweMK Party njengeqembu lepolitiki kuzodala ukuthi abantu bacabange ukuthi liseyinto eyodwa neleqembu elibusayo (ANC), noma lihlobene nalo. Futhi igama loMkhonto Wesizwe lwabe luwuPhiko elaqanjwa laphinde lasetshenziswa ngesikhathi somzabalazo wokulwisana nohulumeni wobandlululo.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngonyaka ophelile ziwu 16 Disemba 2024, lowo owabe enguMengameli we ANC kanye noMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma wenza isimemezelo esashiya abaningi bemangele ngesikhathi ethi usezokhankasela iqembu leMK Party futhi angeke ayivotele iANC,nangempela nakulonyaka uyabonakala uphansi phezulu ugaya umkhankaso wokunxenxa abantu bakuleli ukuthi bavotele yona iMK.
Becacisa mayelana nodaba lokubhaliswa kwamaqembu ezepolitiki amasha asuke efuna ukungenela ukhetho abe-IEC bachaze ngokuthi iqembu i-MK Party yakwenza lokho okungumomo obekiwe wokuthi bafake isikhangiso esasibika ngegama leqembu abaliqokile ngenhloso yokuthi uma kukhona abafisa ukuphikisa isifiso sabo bakwazi ukwenza lokho ngaphambi kokubhalisa ngokusemthethweni igama leqembu kwi-IEC. Kodwa ngalesosikhathi akekho owezwakalisa ukuphikisa ukuqanjwa kweqembu.
Ngakho bona njengo-IEC akukho abangakusho kodwa sekolawula yona inkantolo yokhetho ngenyanga ezayo.

