Zibalelwa ku 85 izimoto ezedluliselwe ezinhlankeni ezilwa nezenzo zobugebenguKwaZulu-Natali

SHEILA MHLONGO

Kwethulwe umkhankaso okuhloswe ngawo ukulwisana nezenzo zobugebengu kanye
nokukhuthaza ukuphepha komphakathi KwaZulu-Natali. UNdunankulu waKwaZulu-
Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube ubehambisana noNgqongqoshe wezokuThutha
kanye nokuXhunyaniswa koMphakathi KwaZulu-Natali uMnu Sipho Hlomuka
kulomcimbi.
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube -Ncube wedlulisele amathuluzi
asetshenziswa ekulweni nezenzo zobugebengu ezidle inani lemali engu R30 million
wamarandi ezinhlankeni ezahlukene emphakathini ezingamavolontiya alwa nezenzo
zobugebengu, ngoLwesihlanu olwedlule lomhlaka 5 Ephreli eHoy Park eThekwini.
Phakathi kwamathuluzi asetshenziswa ukulwa nobugebengu kwedluliswe nezimoto
ezibalelwa ku-85. Ngalamathuluzi uDube-Ncube uthe azodlala indima enkulu
ekukhuphuleni imizamo yokulwa nobugebengu ngoba sekuzobalula ukufinyelela
lapho kudingeka khona usizo lokuphephisa umphakathi.

“Ngokuhlomisa lezinhlaka ezingamavolontiya alwa nezenzo zobugebenzu
ngamathuluzi afanele, uhulumeni unikeza amandla okusebenza emphakathini
ngokuthuthukisa imizamo yokusebenzisana ekulweni nobugebengu.” Kusho uDube-
Ncube.
Ngokusebenzisana nomphakathi uhulumeni waKwaZulu-Natali uthatha izinyathelo
ezibalulekile zokudala ukuphepha emphakathini. SANews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *