UMengameli uRamaphosa ugcine esayinde uhlelo lomshwalense wezempilo –NHI waba semthethweni

SHEILA MHLONGO

UMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ugcine esayinde uhlelo lomshwalense wezempilo owaziwa nge National Health Insurance phecelezi NHI waba semthethweni, uMengameli usayinde loluhlelo ngoLwesithathu lomhlaka 15 Meyi 2024, eUnion Building ePitoli.

Nakuba uMengameli esayinde loluhlelo lwe NHI kodwa lubukeka luse kude ukhalo njengoba uNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uDktl. Joe Phaahle ezwakalise ukuthi labo abanohlelo lwe Medical Aid kumele bengaqali bakhansele ubulunga babo ngoba kusazothatha iminyaka ukuthi loluhlelo lusebenze  ngokugcwele.

“Gcina ubulunga bakho kwiMedical Aid yakho okwamanje ningaqali nibushiye kodwa niyokwaziswa uma  bungasadingeki.” Kusho uDktl Joe Phaahla.

UMengameli uRamaphosa uthembise ukuthi ukusayindwa kwaloluhlelo lwe NHI kuzosiza ukuthi zonke izakhamuzi zakuleli  zithole amalungelo alinganayo ohlelweni lwezempilo. Kanti abantu bezinhlanga ezahlukene baseNingizimu Afrika  kungakhathalekile noma bampofu noma bacebile bayokwazi ukuthola mahhala usizo lwezempilo.

Eqhuba uNgqongqoshe uPhaahla uthe, kuyomenyezelwa uma sekufike ezingeni lokuthi loluhlelo selusebenza ngokugcwele wangeza ngokuthi uyathemba ukuthi lokhu kuyokwenzeka kusukela ngonyaka ka2028 noma ngalena kwawo. Kanti nakuba uhlelo lwezempilo lobe lumahhala kodwa kukhona okuyokhokhelwa imali.

Nakuba loluhlelo luhlangabezane nemibono eyahlukene kodwa kukhona abangalwamukeli ngoba besola ukuthi luzodla kakhulu emaphakatheni alabo abaphila kangcono ukuze bakhokhele labo abadla imbuya ngothi, kanti ngakolunye uhlangothi abanye abanohlelo lweMedical Aid bazwakalise ukulujabulela ngoba bebona sebezothola mahhala usizo lwezempilo ngaphandle kokukhokha, okungakho uNgqongqoshe ebayale ngokuthi ake babambe amatomu bangaqali balaxaze ubulunga kuma Medical Aids wabo.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *