SHEILA MHLONGO
Insinzwa esencane uNqobizitha Sibisi (24) uzuze iDurban Fashion Fair Award, emcimbini we Durban Business Fair owabe ubanjelwe eDurban Exhibition Centre ngonyaka ophelile. Kulomcimbi kuhlonishwe intsha emkhakheni wezemfashini.
UNqobizitha uyisitshudeni esenza iChemical Engineering, aphinde abe semkhakheni wokumodela okungelinye lamathalente akhe. Kanti uwine kwi- DFF New Face Model ngaphansi komkhakha wabesilisa.
Ewina kulomncintiswano uNqobizitha uthe ukuhlonishwa kulomkhakha wokumodela kumvulele amanye amathuba azomsiza ukuthi azibandakanye nama Brands amakhulu nadumile.
“Ukumodela kunginikeza ithuba eliyingqayizivele elihlanganisa ezobuciko , ukuzethemba, kanye nokuxoxa indaba. Bengifuna ukuzihlola ngibone ukuthi ngiyakwazi yini ukubhekana namathuba amasha. Manje ngiyabona lelithalente lizongisiza ukuthi ngikhule futhi ngikwazi ukuxhumana nabantu abehlukene ngithole nolwazi.”Kusho uSibisi.