SHEILA MHLONGO
Kuyisifiso sami ukuthi kulonyaka kengithi khumu emcimbini engimenywa ngegama lokuthi ngiyoziveza okuyiyonanto egcina isibuyisela emuva ikakhulu njengoba singamaciko angakadumi singenabaxhasi sizimele nje futhi singamile kahle nangasentweni yokuthenga.
Nginezindlela ezithanda ukwehluka kunezijwayelekile engizozisebenzisa ukufaka umculo kubantu,ngingashoukuthi lonyaka ngizowusebenzisa kakhulu ukupromoter lomsebenzi ovele ukhona
Kuyisifiso esikhulu sami ukuthi ngelinye lamalanga ngizibone ngisebenzisana noyedwa phakathi kukaKhuzani noma uMthandeni ngoba bangezinye zeyhlaban ezinegama impela emculweni kamaskandi, ngale kwalokho ngingasebenza nanoma imuphi umculi angalile kwamanye amaciko. Ngifundile ukuthi emculweni ngisho ngabe uphiwe kangakanani kodwa kuyabekezelwa ngoba impumelelo iyazoloza kodwa asiyeki ukuzama siphusha kunjalo. Kuningi abantu abangakulindela kulonyaka,angeke ngakubalula ngoba azikhulunyelwa eziko kodwa khona ngithembisa lukhulu.
Umculo kaMzungezwa utholakala kuwo wonke ama-Digital store izinombolo zocingo-0628508022, Facebook-uMzungezwa SA and TikTok-uMzungezwa SA.

