UNkanyez’Yesizwe iMbongi S.A udlulisa ukubonga kubobonke abamesekayo emsebenzini wakhe

SHEILA MHLONGO

Engifisa nje ukukwenza kulonyaka ngifisa ukuphusha  umsebenzi wami ngakhokonke okusemandleni ami sibala nokuhambela izindawo ezahlukene nezikole kanye  nama nemicimbi.  Izinhlelo zakulonyaka ukwenza I-Album ephelele enezingoma ezingu-12.

Umculi engifisa ukusebenza naye uZULU OMNCANE, IMBONGI KAMALANDELA, LOTTO, DALISTOR, MAIZUZU, EMCEEKAY, ZAM’KWENZA, S’FUNDO kanye no APLAS. Izifundo engizifundile kulonyaka odlule ukuthi “Uma uphilisana nabantu ubazi abanye abantu konke okwenzayo empilweni kuyokhanya njengemsebe yelanga”.  kunengoma engiyikhiphile isihloko “NDITHANDA WENA ft ZAM’UKWENZA” okuyingoma yokuqala endimeni ethe yafohla izindawo eziningi kakhulu ezinkundleni zokuxumana sibala kakhullu uTikTok abantu benza imibukiso ngayo okungethusile kwangijabulisa nanokuthi bengilokhane ngithola ama massages ezincomo kubantu nabantu engingabazi kungijabulisa kakhullu lokho ngomsebenzi wami.

Kulonyaka abalandeli beNkanyez’Yesizwe iMbongi abalindele i-Album emnandi enezingoma ezingu-12 ezimnandi. Okwamanje bewungakatholakali ezinkundleni kodwa uzotholakala kungekudala ikakhulukazi I-Album kanye nezinye ezingekho kwi Album. Ngiyatholakala: 079 585 5736, FCBK: iNkanyez’Yesizwe iMbongi S.A naku  TikTok: @iNkanyez’Yesizwe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *