Bazali bambisanani nothisha ukukhulisa izingane zenu

UMfu. Katlego Nare

Bantu bakithi ngiyanibingelela. Sizwe sakithi akesincedisane sithole indlela zokuvimba nanku umkhuba omubi osudlangile ezikoleni  ukubona amavidiyo ezinkundleni zokuxhumana izingane zilwa nabothisha. 

Bazali bambisanani noThisha ukukhulisa izingane zenu uma zisekhaya yinina bazali okumele nibone okubi ezikwenzayo nemikhuba ezingena kuyo nikhuze niqinise nesandla ukwenzela ukuthi uma sezisezikoleni zikhuzwa ngabothisha zingabi namandla okuphikisana nabo .

Ungavumi ukwehlulwa yingane yakho ngoba uma ikwehlula ungakwazi ukuyiqoqa lokho kungamandla kuyo ukuthi kungabisaba namuntu oyokwazi ukuyiqoqa ngoba yehlule umzali wayo . Uma isikuhlula ingane yakho kusobala nothisha esikoleni izofuna bezwe ngayo  ligotshwa lisemanzi bakithi fundisani izingane ukuhlonipha wonke umuntu omdala  noma ngabe kuseskoleni, niyeke nomkhuba wokuvuna inkohlakalo yezingane niyolwa nabothisha bagcine sebesaba ukuqondisa izingane ngoba niyabalwisa . 

Obhalayo Umfundisi Katlego Nare  

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *