Kwenzeke isimanga kuhlehla inkulumo yeSabelomali ka-2025 ngomzuzu wokugcina

SHEILA MHLONGO

Kwenzeka okungajwayelekile kuhlehla ukwethulwa kwenkulumo yeSabelo mali sika 2025 ngomzuzu wokugcina, nobekumele ingabe sethulwe uNgqongqoshe wezeziMali kuzwelonke uMnu. Enock Godongwane ngoLwesithathu lomhlaka 19 Febhuwari ePhalamende, eKapa.

Lesisenzo sokuhlehla kokwethulwa kweSabelo mali kuvela ukuthi kenzeke ngenxa yokuthi amaqembu angaphansi kukahulumeni wobambiswano (Governement of National Unity) ethathe isinqumo sokuthi uNgqongqoshe uGodongwane angaqhubeki nokwethula inkulumo ngenxa yokuthi ubezomemezela ukwenyuswa kwe-VAT isuka ku 15% iya ku-17%.

Ngokombiko othunyelwe abezindaba uthi, ngenxa yokungavumelani kwamaqembu angaphansi kwe GNU nalesiphakamiso sokwenyuswa kwe VAT, kube sekunqunywa ukuthi kuhlehliswe ukwethulwa kwenkulumo yeSabelo mali ukuthi size sibe ngomhlaka 15 Mashi 2025.

Amaqembu ezepolitiki, angaphansi kwe GNU azwakalise ukuthi nawo athole ukushaqeka uma esebona isiphakamiso sokwenyuswa kwe-VAT kodwa engazange abandakanywe ezingxoxweni zokuthatha lesinyathelo kwaze kwaba ngomzuzu wokugcina, lapho uNgqongqoshe uGodongwane kade eselungisela ukwethula inkulumo yeSabelo mali, nokuyikho okuholele ekutheni kuhlehliswe usuku lokwethulwa kwayo inkulumo.

Uma lenkulumo yeSabelo mali ikwazile ukwethulwa lokhu bekuzobeka abantu baseNingizimu Afrika kwenkulu ingcindezi yokuthi bakhokhe iVat ka-17% ngaphezu kwesimo somnotho esimanzonzo njengoba nezinga lokwesweleka kwamathuba omsebenzi liphezulu kanye nentengo yokudla iphezulu ngokunjalo nekagesi.

UMnu. John Steenhuizen ongumholi we-DA ngaphansi kukahulumeni wokubusa ngokubambisana obambisene ne-ANC, uthe ukuhlehliswa kokwethulwa kwenkulumo yeSabelo mali, kufana nokunqoba kubantu baseNingizimu Afrika, njengoba kuvimba ukukhushulwa kwentela ngo-2%, obekuzofaka enkulu ingcindezi emnothweni wezwe.

Ngaphandle kwamaqembu epolitiki angaphansi kweGNU aphikise ukwenyuswa kwentela, nalawo angekho ngaphansi kwayo nawo akushayele ihlombe ukuhlehla kwenkulumo yeSabelo mali, okubalwa phakathi kwawo ele-EFF, lapho umholi walo uMnu. Julius Malema etshele uSomlomo uMhlonishwa uThoko Didiza ukuthi impela uqophe umlando ngokuhlehlisa inkulumo yeSabelo mali ngomzuzu wokugcina.

“Kodwa ke noma ngabe bekuqhubekile ukwethulwa kweSabelo mali ibingekho inkinga, kanti  nawe soMlomo besingekho isidingo sokuhlehlisa ngoba  thina njengamaqembu aphikisayo kanye namalunga ePhalamende bekuzoba yithina ebesizothatha isinqumo sokuthi siyavuma noma siyakuphikisa ukwenyuswa kwentela.” kubeka uMalema.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *