UThandeka Sithole waseNhlwathi Emdletsheni ufisa ukuba ne-Art Centre

SHEILA MHLONGO

Njengo Msunguli woBuciko Besintu Foundation lapho ngikhuthaza khona ukuziphatha kwezintombi ….nokwazi ivelaphi yethu.  njengoba ngonyaka ophelile bengihlele umcimbi woNobuhle lapha Emdletsheni eziphuthwini Hall 30 November 2024 lapho kwanqoba khona Asimthande Mthethwa kuward 9 okuyindawo engikhulele kuyona.

Nginesifiso sokuthi lomcimbi ukhule futhi uthole noxhaso endaweni yangakithi ngibonge kakhulu kuMasipala waseBigfiveHlabisa ukuba ungenelele ngibonge neSupport engiyithola eMphakathini kulonyaka uzobuya ngawo Novemba ngoba sibalekela ukuphazamiseka kwabantwana

ngibonge kakhulu emndenini, oZakwethu base Nhlwathi Primary school Mrs Ndlovu kanye noMiss Mchunu nomphathi wesikole Miss Mdletshe kanye nethimba lobuciko besintu nomculi Ongadumile ngeke ngimkhohlwe.

UThandeka uphinde abe umphathi wezinhlelo njengoba kade ongomunye wo MC lapha Emdletsheni Summer Experience. Isifiso sami ukuthi sibe ne Art Centre  yokuqeqesha abantwana abathanda lomkhakha woBuciko. Kanti lentokazi iphinde ubewumsakazi weNongoma FM ithi ithokoze kakhulu ukungena emsakazweni omkhulu kangaka uhlelo alwenzayo: I Sweet Sunday njalo ngama Sonto

12 : 3pm.

Ofisa ukuxhumana engangithola: TikTok @Majobe145 , Facebook: Thandeka Mathah Sithole, Instagram:Thandeka Sithole , Email: thandekamajobe92@gmail.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *