Amahle ‘Mankomose’ Mbambo waseMthwalume ucela ukwesekwa njengeciko elisafufusa

SHEILA MHLONGO

Isifiso sami ukuthi ngidume ngenyimini njengoba ngenza umculo kaMaskandi ngifisa ukuba abantu bangeseke ngokuba bangikhuphulele ipage lomculo wami lapha KuFacebook ngosizo lwe-KZN Namuhla Community Newspaper ngingajabula.

Kulonyaka ngifisa ukuthi nami abantu bangazi kancono njenge-artist elisafufusa ngifisa ukuduma nami ngifane namanye ama-artist adumile ngicela bangeseke ngomsebenzi wami izinhlelo zami kulonyaka ukukhipha endaweni eseqopheleni eliphezulu njengendawo yaseGMD noGreenstar.

Ngifisa ukusebenza noMayonnaise Cebisa noSkweletu kanye noNjoko insizwa yaseNkandla.

Isifundo engisitholile ukuthi akumele ubukele amanye ama-artists phansi kumele usebenze ngokuzikhandla emsebenzini wakho useke nabanye abantu ukuze bezokuseka nawe. Into engalindelwa abalandeli ukuthi bangibone nami umculo wami udlalwa emsakazweni yonke ekhona.

Umsebenzi wami usatholakala ku -YouTube kodwa angeke uphele lonyaka ungatholakalanga kuma digital platform.  Ngitholakala Ku: 071-994-6471, Facebook page:  Mankomose SA and Tiktok : Mankomose SA.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *