SHEILA MHLONGO
Njengoba kwanda izenzo zokuhlukunyezwa kwezingane ezincane ngokocansi, kubukeka sanda nesidingo sokuthi abantwana baqwashiswe ngokuthi bafundiswe ngezimpawu ezenziwa abantu abadala abanobungozi bokuzinukubeza. Lokhu kumele kwenzeke kusukela ezifunda ezinkulisa.
Siyiphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla siyawuncoma kakhulu umsebenzi omuhle owenziwa isikhungo sokufundisa abantwana iSeaview Child Development and Care Centre esizinze laphaya endaweni yaseMgababa e-Ilfracombe eNingizimu yeTheku, ngokuqwashisa abantwana mayelana nezimpawu ezenziwa abantu abadala abasuke befuna ukunukubeza izingane ngokocansi, futhi lesikhungo asigcini nje ngokuqwashisa abantwana kodwa nabazali nabo bayaqwashiswa ukuze baqonde ukuthi ikuphi okungamele bakuvumele kwenziwe ezinganeni zabo.
Ngenyanga ephelile siyiphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla sibe ingxenye yokuthamela umcimbi wokubungazwa kosuku lwamaLungelo Abantu obubanjelwe khona esikhungweni i-Seaview Child Development and Care Centre, ngenhloso yokuqwashisa abantwana kanye nabazali ngamalungelo nokubaluleka kokuhlonipha amalungelo ezingane zabo.
Abombutho wamaphoyisa, SAPS abevela esiteshini uMkhomazi behambisana noSonhlalakahle bakhulume kabanzi ngokuhlonishwa kwamalungelo abantwana beqwashisa abazali ngokubaluleka kokubavikela ukuze bangahlukunyezwa baze bafundisa abantwana ukuthi nabo bangakwazi ukufonela inombolo yamahhala yamaphoyisa ethi: 10111 uma behlangabezana nenkinga yokuhlukunyezwa.
Uthishanhloko wesikole uNkk. Mpume Chamane ekanye nothisha batshela iKZN Namuhla ukuthi isikhungo sikuthathela phezulu ukubaluleka kokuqwashisa abantwana ukuthi bangalokothi bavumele noma ubani ukuthi abathinte umzimba wabo noma kanjani, futhi lokhu bakwenza nsuku zonke njengengxenye yenqubo mgomo wezimfundiso zesikole, ukuze bangalokothi balibale.
Ukuqwashisa abantwana ngezinto ezimbi ezenzakalayo empilweni kuyinto enhle kakhulu ngoba abantwana angeke bazi uma bengafundiswa kanti izikole kanye nezinkulisa kubalulekile ukuthi abantwana zibaqwashise nsuku zonke ngoba nabahlukumezi bagcwele yonke indawo kusukela emakhaya, ezikoleni, kanye nakomakhelwane imbala.
Abazali nabo kumele badlale indima enkulu yokulekelela izikole ngokuqwashisa izingane zabo bangahlali nje bazibe ngoba nabahlukumezi abazibekile phansi njengoba besemkhankasweni wokucekela phansi izimpilo zezingane.
Sengiphetha lokhu okwenzeka endaweni yaseMatatiela kanye nakwenzinye izingxenye zezwe, kumele kube isifundo kubazali ukuthi baqwashise kakhulu abantwana babo bangalindi ukuthi kuze kufike isikhathi sokuthi umntwana azithole ehlukumezeka ngenxa yokweswela ulwazi. Khumbulani ulwazi luyamvula umuntu amehlo, kodwa umuntu ongenalo ulwazi uvamile ukuzithola esenkingeni.
Bazali ningavumeli izingane zithunywe abantu noma zinikezwe imali ngoba ingane ejwayele ukuphiwa imali isengcupheni yokungena kunoxhaka womhlukumezi ongena nembeza futhi ononya olwesabekayo lokulimaza ingane yakho.

