Ucwaningo ngodlame olumayelana  nobudlelwano phakathi kwabathandanayo ezikoleni zamabanga aphakeme

SHEILA MHLONGO

Ucwaningo lukaNksz. Noxolo Sibisi lubeka obala inkinga yokuhlukunyezwa kwentsha ezikoleni ebudlelwaneni bayo. Ucwaningo lwakhe lweziqu zeMasters eNyuvesi luvezile ukuthi udlame phakathi kwabathandana (Intimate Partner Violence – IPV) luyenzeka nasezikoleni ikakhulukazi esikoleni esise-Inchanga, KwaZulu-Natali.

Uveze ukuthi izingane eziningi zithola lemikhuba emakhaya lapho ubudoda kuyibo obungaphezu kwakho konke bese lemikhuba  isetshenziswa nasebudlelwaneni . Intombazane eyodwa eneminyaka engu-17 yachaza indlela ayeshaywa ngayo, alawulwe futhi esatshiswa isoka lakhe. Ucwaningo luphinde lwabonisa ukuthi ubumpofu, ukuntuleka kosizo ezikoleni, kanye nokusebenziswa  kabi noma ngendlela edukisayo kwezinkundla zokuxhumana nakho kudlala indima enkulu ekuqhubekeni kwenkinga yodlame phakathi kwabantu abathandanayo.

UNksz Sibisi ugcizelele ukuthi izikole zidinga ukufundisa ngobudlelwano obuhle nokulungile kube nezinhlelo zokwesekwa ontanga ochwepheshe kanye nabazali. Uchaze nangendlela ukufundisa ngokusebenzisa kahle izinkundla  zokuxhumana  ngendlela efanele ukuthi kungaba wusizo.

Uphinde wababonga bonke abamsizile, ikakhulukazi uDktl. Londeka Ngubane nomndeni wakhe. Uthe uyethemba ukuthi lolu cwaningo luzoletha izinguquko emphakathini.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *