IHhashi Elimhlophe ligubhe amashumi amane nesithupha (46) eminyaka lisembonini yomculo

NOMTHANDAZO MAGOSO

Lomcimbi ubumayelana neHhashi Elimhlophe ebeligubha iminyaka engu-46 lisendimeni yomculo obuwenzelwe eMpangeni eCasino eMfolozi Ngomgqibelo. Lengqalabutho kaMaskandi izalwa eMpangeni kwesakwaBiyela Obuka olumehlo mancane.

Lomcimbi ubugujwa ngesigqi sasekhaya ubeyinqopha-mlando embonini yomculo nokubukeke kuyinto enhle ukubuyela edolobheni langakubo njengoba esemningi eGoli ubaba uNgcobo.  Abaculi baseNingizimu Afrika abahlonishwayo nabahlomule ngezindondo uBoom Shaka bengekhona ukuzobungaza becula bebeshiyelana inkundla nalengqalabutho njengoba sazi ukuthi bebesebenzisana ne-Hhashi Elimhlophe kulengoma eyaduma kakhulu yadayisa amakhophi amaningi  ethi: ‘Bambanani’ Amaponi okuyizingane zakhe nazi bezingasala kanjani njengoba leyokucula isekhaya endlini njengoba benezingoma ezimbili abasebenzisana nazo noyise. UBaba uHhashi Elimhlophe uyasibonga lesi siphon futhi uthi konke kungenxa yomusa kaNkulunkulu.

Kuvele nabafana Bamahhashi base-KZN okungabafana abaqeqeshwe nguBaba Ngcobo labafana baqhamuka ezindaweni ezahlukene eKZN ,Mtubatuba, Olundi, Nkandla naseNquthu. Uthathe labafana abancane wabafaka ngaphansi kwephiko lakhe wabacija emculweni kaMaskandi futhi baveze ikhono elikhulu benandisa kulomcimbi kanye no Jacob.

Abaphathi bohlelo MC uTshatha ugodo ehambisana nentokazi yodumo iHelicopter yakwa-1KZN TV. Kuvele nokuthi uBaba uHhashi elimhlophe usezokhipha icwecwe elisha sha, le-album ezoshisa izikhotha njengoba sazi kahle ukuthi uBaba uHhashi Elimhlophe uyindoda enekhono ngempela. Ukhale ngokuthi  i-Covid 19 ishaye kakhulu embonini yezokungcebeleka izinto azikakabuyeli esimeni kodwa umkhumbi usaqhubeka.

Uthembise ukuthi izoba ngomunye wemigubho ehamba phambili emlandweni waseNingizimu Afrika lomcimbi awujabulisanga nje kuphela abathandi bakaMaskandi kodwa ujabulise bonke abathandi bomculo. Uphethe ngokubonga kakhulu uNkosikazi wakhe ngokumeseka kakhulu kanye nabe Nyatee Foundation nakubobonke abafikile kulomcimbi abalindle  bonke ikhekhe njengokuphumelela kwabo ukuzomeseka kubonga ubaba Hhashi elimhlophe.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *