UPhelelani Nduli kwaMaphumulo ufisa ukuya phambili aziwe athole isaphothi kubantu

SHEILA MHLONGO

Ngifunde  eBukhosini primary school eVelangzwi Secondary school lapho khon engiza ngaphothula khona ibanga lokugcina.  Ukuqala kwami ukungena ku Music ilesikhathi ekhaya  bengithengela ifoni eyayisezingeni eyayikwazi ukudlala izingoma nama video ngalesosikhathi kwaku-2012 noma 2013.

Ngezwa sekukhona abantu abacula umcula engawuthanda kakhulu okwaku Mc killer,  Silent killer kanye no young killer ngingasho ngithi yibona abangenza ngaqala ukuzazi ukuthi  nginalo ikhono lokubhala ngo-2013 usuzophela abafowethu bafika ngolunye usuku bathi bazovula iqembu lomculo lapho bewu-5 bazozibiza ngama- young boy ngase ngicela ukuthi abangifake  kwi-group  sarecord ingoma eyodwa  kulengoma kwakunconywa kakhulu mina ngabona lapho ukuthi kukhona engingakwenza  ubhuti u Ntuthuko owayengaphambili kwami ngokomculi owayeyizibiza ngo: Kacy Polo B uyena  umuntu owadlala indima enkulu ngoMusic wami engifundisa .

Ngagcina  ngumuntu osezimele  sengikwazi ukubhala ingoma ngedwa ngo-2018 nga- record  nakhona ngase ngenze izingoma ezimubalwa nabantu abahlukahlukene ngasekhaya nabaculi bamaskandi imbala kwathi mangiqeda umatric  ngavula movement ebizwa ngeDream plug lapho enawo wonke umuntu onekhono kodwa engakaze ibe sebalazwen elikhulu ngomculo ngifisa ukuya phambili ngaziwe ngivele kubantu ukuze ngizokwazi ukuvusa amanye amaciko angasemakhaya ngoba kunzima kakhulu ukuphumelela usuka endaweni yasemakhaya.

Ofisa ukuxhumana nami whatsApp/ Call: 071 271 2132 noFacebook: SectionB.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *