SHEILA MHLONGO
Njengoba abantu baseNingizimu Afrika bebhekene nobunzima bezimali, i-SPAR igxile ekusizeni amakhasimende ukuthi onge imali. Ngalesi sikhathi sokonga, i-SPAR inikeza izixazululo ezifana nokwehliswa kwamanani, izitolo ezinamathuba amaningi ezindaweni zasemalokishini nasemakhaya kanye nohlelo lwemiklomelo olwandisiwe.
Naphezu kokwehla nokunyuka kwentengo yokudla, abantu basabhekene nezindleko eziphezulu zikagesi, uphethiloli kanye nokuhamba kancane kwemali engenayo nokwenyuka kwentengo. Cishe u-40% wabantu bancike kuHulumeni ngezibonelelo, okwenza lenyuke izinga lobubha.
I-SPAR ifaka imali kwimikhiqizo yayo yangaphakathi esezingeni elihle kodwa ebiza kancane, ifuna ukuletha usizo kubathengi. Iphinde ifake izitolo ze-SaveMor ezindaweni zasemakhaya nezasemalokishini, ukuze kube lula ukufinyelela izidingo eziyisisekelo ngaphandle kwezindleko eziphezulu zokuhamba.
U-SPAR ukhuthaza abantu ukuthi bahlele kahle ngaphambi kokuthenga bathenge ngobuningi futhi basebenzise izinzuzo ze-SPAR Rewards ukuze bagcine imali. Kukhona nezinhlelo zokukhulisa amalungu ohlelo lwemiklomelo kusukela ku-8 million kuya ku-12 million.
U-SPAR uthembisa ukuba umlingani othembekile ekusizeni amakhasimende ukuba agcine ngaphandle kokunciphisa izinga lempilo.

