UMeya uXaba ubophezele  uMasipala ekubeni negalelo ekubuyekezweni kohlaka lokusebenza koHulumeni baseKhaya

SHEILA MHLONGO

UMeya weTheku uKhansela Cyril Xaba uhole umhlangano wokuhlanganisa umbono woMkhandlu mayelana nokubuyekezwa kohlaka lomthetho wokusebenza koMasipala (Local Government White Paper) lango 1998 I Julayi.

Lomhlangano wethulwe uNgqongqoshe  Wezokubusa ngokuBambisana  kanye neziNdaba zoMdabu (COGTA), uDkt. Namane Masemola, othe inhloso yalolu hlelo wukulungisa ukungahambisi kahle ohlelweni lukahulumeni basekhaya.

Inhloso yalolu hlelo lokubuyekeza wukwakha umasipala ophelele onalezi zici:

  • Ubumbene futhi uphendula kubantu.
  • Uhlonipha intando yabantu.
  • Ufinyelela izidingo zomphakathi.
  • Unikeza izinsiza ngendlela eqhubekayo.
  • Uqhuba intuthuko yezenhlalo neyezomnotho.
  • Udala indawo ephephile nenempilo.
  • Ugqugquzela ukubamba iqhaza komphakathi.
  • Udala isiko lokuziphendulela kwezinsiza.
  • Futhi uphatha ngendlela enobuchule obucacile.

Kuneziphakamiso eziningi ezibhekwa ukuqinisekisa ukuthi omasipala bayakwazi ukuzimela ngokwezezimali. Lokhu kufaka phakathi imodeli entsha yezezimali kahulumeni basekhaya ezobheka izindleko ezikhula ngokushesha kuneholo, kuyilapho izinga lokulethwa kwezinsiza liya ngokwehla.

Ucwaningo lwe-COGTA luveze izinselelo ezinkulu ekulethweni kwezinsiza ezihlanganisa: ukufinyelela kwamanzi, ukuphathwa kukadoti , ukungagcinwa kahle kwengqalasizinda, imigwaqo emibi, izinhlelo zemvula ezingasebenzi kahle, izikweletu zikagesi namanzi kanye nokuphathwa kwezinhlekelele.

Ucwaningo luveze izinto ezilandelayo ezilindele ukulungiswa ngokuphuthumayo ukuze kwakhiwe umasipala ofanele:

  • Izinguquko kwezezimali
  • Ukuqapha okuqinile kuhulumeni wesifundazwe nokazwelonke
  • Ukuhlupheka kokungaziphathi kahle kanye nokungabikho kokuziphendulela
  • Ukufaka ipolitiki ngokweqile ezindabeni zikamasipala Nobudlelwano obungekho esimeni esihle phakathi kukahulumeni nomphakathi
  • UMeya uXaba uthe uMasipala weTheku uzobamba iqhaza elibonakalayo kulolu hlelo, njengoba leli Phepha Elimhlophe liyisisekelo sakho konke ukuhlelwa komthetho ohambisana nohulumeni basekhaya. Uthe uMasipala uzofaka iziphakamiso zawo phakathi noJulayi, ngaphambi komnqamulajuqu ka-31 Julayi.
  • Leli Phepha Elimhlophe elibuyekeziwe lizothunyelwa kuKhabhinethi ngo-31 Mashi 2026.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *