Uyaqhubeka umkhankaso wokuvotela amaCiko kowe- KZN Namuhla Artist Awards 2025

Votela iCiko lakho olithandayo ukuze liphumelele

AmaCiko angenela iKZN Namuhla Artists Award 2024

AmaCiko asezothola ithuba lokuziwinela iziNdondo kanye neCash Prize kowe KZN Namuhla Artiststs Awards 2025

Uyaqhubeka umkhankaso wokuvetelwa kwamaCiko angenele umncintiswano we- KZN Namuhla Artists Awards 2025 njengoba ngoMsombuluko womhlaka-7 Julayi 2025,  kade kuvalwa ukungenelwa noma ukujoyina lomncintiswane.

Njengoba siqhuba loluhlelo lokuvota kwenziwa ngendlela yokuthenga ivoti ngo-R2 ngalinye  ngokwemininingwane eyofakwa kwiPoster yeCiko nendlela okwenziwa ngayo.

Izindaba ezimnandi; ezokuthi kulokhu amaCiko nawo asezohlomula ngokuziwinela uCash Prize ngaphezu kwamaTrophy, nezitifiketi kanye nokuphromothwa,  kulabo abayoba namavoti ahambisana nemibandela ebhalwe kwisimemo.

Okunye okuhle ukuthi alikho nelilodwa ivoti eliyolahleka ngenxa yokubheda kweNetwork. Nokuthi kuyoba lula kakhulu ukubala amavoti ngoba iphephandaba iKZN Namuhla nsuku zonke liyokwazi ukuzibonela labo asebethenge amavoti ngempumelelo.

Inhloso yalendlela entsha yokuvota

  • Iphephandaba lomphakathi iKZN Namuhla alixhasiwe ngakho ukuze umcimbi wokuhlonipha amaCiko ube impumelelo kudingeka imali yokukhokhela zonke izindleko kusukela kumalungiselelo kuze kube usuku lomcimbi. Ngaphezu kwalokhu iphephandaba  lidinga izimali zokulisimamisa ukuze liqhubeke likwazi ukushicilela, izindaba, ligaye iphephandaba, likhokhele abasebenzi, liphinde likwazi ukubhekana nezindleko zezokuxhumana okubalwa i-Airtime neData.
  • Ukukhokhela imiklomelo yama Trophy kanye nezitifiketi.
  • Ukuhlomulisa amaCiko  enze kahle ngokuvotelwa.
  • Ukukhokhela izindleko zendawo yokwenza umcimbi.
  • Ukukhokhela izindleko zokwenza iVideo kuleloCiko Eliyowashaya onke emakhanda.

 ukuvalwa kokubhalisa kugcina ngoMsombuluko womhkaka-7 Julayi 2025. Kanti ukuvota sekuvele kuqaliwe. Wonke amaCiko ayobe esethole ama Poster awo anesithombe kanye nemininingwane yonke yokuvotelwa.

Ukuvota kuyovalwa ngomhlaka-30 August 2025

Umcimbi uyoba ngoMgqibelo womhlaka-6 Septhemba 2025 endaweni eyokwaziswa.

Ngakho kumenywa amaCiko avela ezingxenyeni zonke zeKwaZulu-Natali kanye nakwezinye izifundazwe zakuleli amukelekile ukungenela.

Ukwazi kabanzi kungaxhunyanwa noMhleli umama uSheila Mhlongo kuWhats App number :076 390 6969 kunombolo yeWhatsApp  079 467 9297 baxhumane noSbu Mamba. Email:editor.kznnews@gmail.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *