UThobe Sokhela ubeyimpumelelo umcimbi obewuhlelile wokuhlanganisa intsha eMgababa

NOMTHANDAZO MAGOSO

Umcimbi obuse Mnini Dam eMgababa  bekugujwa usuku lwabantu abasha futhi kukhunjulwa uPeter Perteson ongowokuqala ukufa ngo-1979, eneminyaka eyishumi nambili kuphela. Lapho amabhunu ambulala khona engafuni ukufunda ngesibhunu. Ngabe mina nawe makushubile siyabaleka sihambe siyobhaca sibuye lapho sikhukhumale njengoflower sithi salwela inkululeko?kubuza uMrs Mbonambi oyikhansela lase eMgababa.

Kepha uThobe Sokhela wenze okuhlukile eMnini  Dam emgababa,ehlanganisa intsha kumaward ahlukene ethekwini kuya ku-INK Area,enza umcimbi wokukhangisa ngenqephu ebambisene nabanye abanezikole zokufundisa ukuthunga,uPaul kotini Sibisi we Street collection kanye noMfundo Ngubane we NoMfundo Collection ehambisana nesigqi sase Afrika kanye nemvelo lapho intsha ibikhangisa ngezimpahla zabo abazithungayo,ishintsha esesteji, kubuye kunandise ngomculo obenandisa uMbali Nzama izingoma zakhe bezikhuthaza intsha ngoba kukhona nebithi “Qala kabusha”

UMrs Thwala owaziwa ngelika Principal ucela umphakathi waseMgababa ukuba bangazivaleli abasukume bazokwenza izifundo zamakhono ziningi ubala ukuthunga,ukwenza ubuhlalo nokunye okuningi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *