NOMTHANDAZO MAGOSO
Inhlangano Isibaya Samaciko ibihlele umcimbi wokubungaza iphindei iklomelise amaciko kaMasikandi kumcintiswano wokuhlabana ngezindondo. Kanti futhi iphinde yahlonipha umculi osemnkantsha ubomvu endimeni ka Maskandi uMnu. Sibusiso Mkhize “Bahubhe.” ngolwesihlanu eWorkshop eThekwini.
Umphathi wenhlangano uNkosazana M. Wabantu ubongele onke amaciko akhale amuka nezindondo kuloya mcintiswano. Uthe akabashiyi ngaphandle nalabo abakwazile ukungenela umcintiswano ngoba ngaphandle kwabo ubungeke ubekhona umcintiswano.
“ Siyisibaya Samaciko sizimisele ukulekelela ekuthenini amaciko azithuthukise emculweni aphinde awuhloniphe nomsebenzi wawo ngoba ukuqala kokukhula kweciko ukuzihlonipha kwalo nokuhlonipha umsebenzi eliwenzayo,” kusho umphathi wenhlangano.
Uphinde wathi Isibaya Samaciko singenye yezinhlangano eziletha ushintsho ezimpilweni zabantu eNingizimu Afrika. Uthe inhlangano yabo ayigcini ngokuthi ikhulise intsha kodwa iphinde ilekelele ekuthenini ingabi uvanzi ngoba ukuba uvanzi kwayo ingangcina isenza okuphambene nengalo yomthetho.
Esephetha uthe ubonga bonke abantu kanye nazo zonke izinkampani namaziko ezindaba akwazile ukwenza umcimbi ukuba ubeyimpumelelo. Uthe umsebenzi omuhle awuqhubeke ngoba luselude uhambo.

