NTOMBIFUTHI BUTHELEZI
UMasipala weTheku uyaqhubeka nokulwisana nezigilamkhuba ezixhaphaza izinsiza kusebenza zika masipala. Lokho kuza emuva kokuba kubanjwe kwaboswa izisebenzi ezimbili zikamasipala ezabonwa zeba udizili.
Uphenyo lobugebengu obenziwa ilabasebenzi bakaMasipala ababili lenziwa endaweni okwabika kuyo amanye amalunga omphakathi ukuthi abona abaqhubi bamaloli bediliza udizili kwenye yezindlu ezisekusitheleni kuleya ndawo.
Ngokomubiko okhishwe umqondisi Wophiko Lwezobulungiswa beDolobha kanye Nophenyo uMnumzane Jimmy Ngcobo uthe labasebenzi ababoshiwe bebengabantu ebebehlele ukuxhaphaza izinsiza kusebenza zikamasipala. Uthe icala lokuntshontshwa kukadizili liivulwe emaphoyiseni aseMbumbulu kanti nabasolwa sebevelile eNkantolo yemantshi eMbumbulu.
“Lezigebengu zitholwe kwenye yezindlu ecashe kakhulu zidiliza udizili, kuyacaca ukuthi sekunesikhathi ziyisebenzisa lendlu zenza okuphambene nengalo yomthetho. Kutholwe amalitha angu 9,25 egcwele udizili . Sibe sesiwanikezela emaphoyiseni njengobufakazi kulelicala. ” kusho uNgcobo.
uNgcobo uphethe ngokuthi labasebenzi bebengabashayeli bamaloli athutha amanzi emphakathini kanti futhi bebephinde babe amalunga ekomidi kuwo umphakathi. Ube esencoma amalunga omphakathi okuyiwona abike ngaloludaba emaphoyiseni. Uthi uphenyo kanye nokuboshwa kwalamadoda bekungeke kwenzeke ukube ababampimpanga.

