UMzansi umfuna ephumile uMinnie Ntuli kwiGagasi F.M emva kokuhlukumeza uLondie London kolwe Real Housewives of Durban

Umsakazi uMinnie Ntuli usemanzini ashisayo ngemuva kokuvezwa kwe-vidiyo ebifihliwe echiliza uLondie eLondon esiphongweni

ZAMA MAJOLA

Sekuqubuke umsindo ngesicelo sokuxoshwa kukaMinnie Ntuli weGagasi FM ngenxa yokuziphatha kwakhe ohlelweni iThe Real Housewives of Durban. Kuyo yonke isizini yesi-5, ababukeli babone uMinnie noLondie London  bexabana ngemuva kokuthi uLondie ephawule ngengubo kaMinnie ngesikhathi beqala ukuhlangana. Izinto zishube ngesikhathi uMinnie egagula inkulumo elithi uLondie udayisa ngomzimba, ethi “wenza imali elele ngomhlane”.
 
Nakuba uMinnie ekhethe ukungayi kwinhlangano yabo yokugcina ngci yesizini yesi-5, wabhala incwadi exolisa kuLondie, ethi “weqe umngcele obonakalayo”. Izinto zishintshe kakhulu ngesikhathi kuvezwa ividiyo ebifihliwe kaMinnie noLondie behlezi phansi bezama ukuxazulula ukungaboni ngaso linye kwabo. Kuleyo vidiyo uMinnie ubonakala echiliza uLondie London ngesihluku esiphongweni.

Uhlu lwezikhalazo olunesihloko esithi “Susa uMinnie Ntuli ezinkundleni zokuxhumana nakumabonakude ngenxa yokuziphatha ngobuxhwanguxhwangu”, lumsola ngokungenzi kahle emsebenzini, ulaka, ukuhlazisa umphakathi kanye nobuqhwaga.   Ithole amasignesha angu-54,908 kubantu abacheme noLondie.

IGagasi FM lithe uMinnie uzimisele ngokuthola usizo lochwepheshe ukuze akwazi ukulawula imizwa yakhe kanti lo msakazo uyakweseka lokhu.   "Sigxile ekukhuthazeni ukubuyisana. Njengesiteshi, sizibophezele ekusekeleni inqubo ekhuthaza ukwelashwa, ukuxolelana nokuhloniphana."

Ebuzwa ukuthi uyalwamukela yini uxolo lukaMinnie, uLondie uphendule wathi: “Angifuni lutho oluzongihlanganisa noMinnie, ngizovula icala lokushaya, ngivule nelokudicilela phansi isithunzi sami, ukube ubekhona ngabe sengimnikezile amaphepha ashoyo ukuthi ngimfaka icala. Ufanelwe ukuhlala noma amasonto amabili ejele," kusho uLondie.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *