I-SABC igubha iminyaka engu-75 Yasungula uPhiko lwayo lwezindaba

SHEILA MHLONGO

Uhulumeni usezwakalise amazwi okuhalalisela  i-South African Broadcasting Corporation (SABC) njengoba uPhiko lwayo lwezindaba lugubha iminyaka engu-75 yokusebenza emkhakheni wezindaba.

“Kusukela yasungulwa ngo-1950, i-SABC News ibe neqhaza elibalulekile ekwaziseni ekufundiseni nasekuqwashiseni izakhamuzi ezweni lonke.

“Eminyakeni edlule, i-SABC News ikhule kanye nentando yeningi yaseNingizimu Afrika izwakalisa izikhathi ezibaluleke kakhulu ezweni kusukela emzabalazweni wokukhululeka kuya ekuzalweni kombuso wentando yeningi nangale kwalokho.

“Ukuzibophezela kwayo okuqhubekayo ekuletheni izindaba ezifinyelelekayo nezilinganiswe kahle sekuqinise indima yayo njengomthombo othembekile wolwazi kwizigidi zabantu baseNingizimu Afrika.” kusho uhulumeni esitatimendeni.

Uhulumeni uphinde wanikela ukuhlonipha intatheli enolwazi olunzulu ne-International News Editor, uSophie Mokoena, ohamba ku-SABC ngemva kweminyaka engu-31 enikeza insiza enhle kakhulu ezweni nasemnyangweni wezindaba.

“Ukubika kukaMokoena kuye kwasondelisa abantu baseNingizimu Afrika emhlabeni wonke futhi kwenza izindaba zomhlaba zafinyeleleka futhi zaba nencazelo kubalaleli baseNingizimu Afrika. Siyawuhalalisela umnikelo wakhe omkhulu ezindabeni zensiza yomphakathi futhi simfisela okuhle emizameni yakhe yesikhathi esizayo.” kusho isitatimende esikhishwe yi-Government Communication and Information System (GCIS). – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *