I-Prasa izonyusa imali yokugibela ngo-Agasti

ZAMA MAJOLA

AbePassenger Rail Agency of SA (Prasa) bamemezele ukuthi kuzoqalwa ukunyuswa  kwezindleko zokugibela kuzo zonke iziteshi zeMetrorail ngomhlaka-1 Agasti. Amathikithi e-single azokwenyuka ngo-R2.50 kanti amathikithi okuya nokubuya azokwenyuka ngemali engango R5.50 noma R6 kuya ngendawo noma ibanga elihanjiwe. Imali eyengeziwe izokhokhela izidingo zokusebenza ezibalulekile, okuhlanganisa izindleko zokunakekela kanye nezinyathelo ezithuthukisiwe zokuphepha eziteshini nasezitimeleni. 

“Ngisho isinyukile imali yokugibela yakwa-Prasa Rail kodwa isazolokhu ingambi eqolo kuzo zonke izinhlobo zokuthutha. Sizibophezele ekuhlinzekeni ngezinsiza zabagibeli ezithengekayo eziphephile nezisebenza kahle.” kusho isikhulu sePrasa Rail uNwabisa Gqamane-Ntiyane.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha u-Andiswa Makanda uthe uMnyango wezokuThutha ukugunyazile ukunyuswa kwemali yokugibela ngemuva kokubonisana okuphelele nababambiqhaza. I-Prasa Rail iphinde yamemezela ukwethulwa kabusha kwamathikithi amasonto onke nenyanga zonke lapho kunikezwa izaphulelo ezinkulu phecelezi ama-discounts.

“Izaphulelo zizosebenza kakhulu kulabo abahamba phakathi kuka-9am no-2pm. Izaphulelo zemali yokugibela zangalesi sikhathi zehliswe ngo-50% -40%. Abagibeli bangathola imininingwane mayelana nemali yokugibela, amathikithi esizini, kanye nemininingwane eqondene nesiteshi ngokuvakashela isiteshi esiseduze sakwaMetrorail”kusho uMakanda.
 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *