Ziqoqe Mbokodo phambi kwezingane

Asibingelela enyangeni yomama inyanga yembokodo . Ekuqaleni kwayo angikhuthaze omama besizwe sakithi ukuba ngomama abaqotho, umhlaba sewajika sesibone okuningi ezikhathini esiphila kuzo abanye omama sebazikhohlwa nokuthi bangomama abasakwazi ukuzihlonipha phambi kwezingane zabo, lokho kubangela ukuthi izingane zikhule zibona leyompilo ziyamukele njengempilo okufanele ziyilandele .

 Uma ungumama uzele kuningi okumele uzibophe kukho ungakwenzi kubona wonke umuntu wenzele izingane zakho. Awukwazi ukugqoka uveze umzimba wakho nezindawo okungamele zivele bese uhamba emgwaqweni ubukwa ngabantu, lokho kuyokwenza izingane zakho zikubone kuyinto elungile kanti zona zisengakwenza ngokweqile . Bomama ikusasa lezingane lilele kini indlela eniphila ngayo phambi kwazo yiyona enamandla ukwedlula amazwi eniwafundisa zona Ziqoqe mbokodo phambi kwezingane . 

Obhalayo uKatlego Nare 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *