SHEILA MHLONGO
Ngihlala kwaMashu kodwa ngidabuka kwaMaphumulo Ezimpangeleni esigodini sakwa Sikhathali ngineminyaka engu-25 ngiqede ukufunda amabanga aphakeme esikoleni saseQwabe Secondary okuyilapho engaqala khona uthando lomculo ngonyaka ka-2017. Ngikhule nalo uthando lomculo nokuyilapho engenza khona ingoma yami yokuqala eyayithi “ngeke nilunge”.
Ilapho engazakhela khona idumela kubantu saze sasungula iqembu ngo-2020 “amalegend asekasi crew” lapho esasebenzisana nabafowethu (Da Alex, maphama m, Qie, tall kid & mkd). Ezingomeni eziningi bengisebenza no (kneevo, mavela, nqaba, maphama m, MC Driller,MC luh SA nabanye abaningi.
Ngihambele izindawo ezining Pmb, Durban, Stanger,kwaMashu. Izingoma zami bezi producer(swa) e-7nine Production, Ekasi Production, Bmh Studio, nginama EP amabili . Moment of silence EP &20 plenty EP nama single tracks awu-16. ngicela abalandeli bomculo balandele ingoma yami eshisa izikhotha ethi: Ismanga&ukufa. Ofisa ukuxhumana nami Facebook: Mc macphera naku Tiktok: Macphera.

