Bantu bakithi sizwe sakithi ngiyanicebisa, vukani ekulaleni ningakhohliswa abantu abaphupha izinto ezingekho ngenxa yolwazi lwezinkolo bese babuye benithuse bathi umhlaba sewuyaphela niphilele ovalweni. Akukho mhlaba oyophela abantu bayoqhubeka baziphilele bayodlula ngamunye ngamunye uma kufika iskhathi sokwedlula emhlabeni. Le yezinkolo yokuthi umhlaba uyaphela kuyobuya inkosi izothatha abantu cha bantu bakithi amampunge lawo masingathuswa amanga.
Masiphileleni ukushiyela izingane zethu nabazukulu bethu ikusasa eliqhakazile hhayi ukugcina sishiya indlala nokweswela ngoba sahlala kakhulu ovalweni lokuphela komhlaba sagcina singasasiboni isidingo sokwakha ifa lezingane zethu. Ningasatshiswa ngamampunge akukho mhlaba ophelayo.
Obhalayo uMnu. Katlego Nare

