ZAMA MAJOLA
I-ActionSA isizwakalise ukungaphatheki kahle ngoSihlalo we-DA KwaZulu-Natal, uDean Macpherson, ngemuva kokuthi ebize iqeqebana labantu abamnyama “ngohobo” ngesikhathi kuqhubeka amacala enkantolo. I-DA ne-ActionSA bebehambele enkantolo enkulu yaseThekwini ngenxa yenkinga yendle ngoLwesine lo mhlaka-24 kuJulayi kwajika kwamuncu phakathi kwala maqembu womabili.
Inhloko ye-ActionSA KwaZulu-Natal uZwakele Mncwango ube esebhalela uMacpherson incwadi edlulisa izikhalazo zakhe. Encwadini udlulise ukuthi ukusebenzisa igama elithi “ohobo” eliphume kuMacpherson ebhekise kubantu abamnyama kuyacasula kakhulu futhi akubukhuthazi neze ubuntu. “Kungakhathaliseki ukuthi leli gama lisetshenziswa ngenhloso yokucwasa ngokwebala, umthelela wamagama enu ngeke uhlukaniswe nomlando obuhlungu wobuhlanga waseNingizimu Afrika.” kusho uMncwango. Ube eseqhubeka nokuthi ukubhekisa eqenjini labantu abaNsundu ikakhulukazi eNingizimu Afrika kusetshenziswa igama ngokomlando elihlotshaniswa nobumpofu, ukulahlwa kanye nokungabi nalutho emphakathini akugcini nje ngokucasula kakhulu kodwa kwehlisa ubuntu.
Udlulise nokuthi izwe lisabhekene nezibazi zobandlululo lapho isithunzi sabantu abamnyama sabukelwa phansi amashumi eminyaka, ulimi olufana nalolu lungaphezu kwendelelo futhi luwukucwasa ngokwebala. Wengeza ngokuthi ngisho ngabe uMacpherson ubengaqondile okubi kodwa umthelela wamazwi nezenzo zakhe ubangele ubuhlungu bangempela futhi waqinisa izigaba zobuhlanga iningi elilwela ukuzidiliza.
"Ukubiza amalungu e-ActionSA“ngohobo” okuyizakhamuzi abavoti kanye nabantu ngenxa yokubukeka kwabo akuhloniphekile akwamukelekile futhi kunobandlululo." kusho uMncwango. Iqembu le-ActionSA likugxekile ukuziphatha kukaMacpherson. UMncwango ube esecele uMacpherson ukuthi axolise emphakathini. Wagcizelela nokuthi uma engakwenzi lokho kuzoqinisekisa ukuthi uyakwamukela ukuthi unobandlululo.

