U-Ayanda Dlamini Usengumqeqeshi wesikhashana kuMaZulu FC

UMengameli waMaZulu, uMnu. uSandile Zungu, usememezele izinguquko endimeni yokuqeqesha eqenjini loSuthu njengoba isekela lomqeqeshi u-Ayanda Dlamini liqokelwe kwesokuba umqeqeshi wesikhashana, kwathi uRomain Folz okade engu mqeqeshi weqembu wangena esikhundleni sokuba ngu-technical director kanti uphinde eluleke umengameli mayelana nezinhlelo zohlelo lwe- AmaZulu’s Vision 2032.

Continue reading

UJordaan uxwayisa amaqembu akwi-PSL angenawo amaqembu abesifazane

Ngonyaka ka-2021, i-CAF yathumela umlayelo ezifundeni zayo ezingu-54 wokuthi amaqembu asekhaya kufanele ethule amaqembu abesifazane njengoba sekuzoba enye yezinto ezidingekayo ukuze amaqembu angenele iChampions League neConfederation Cup. Kodwa-ke, amaqembu ezingxenyeni eziningi zezwekazi, okuhlanganisa neNingizimu Afrika kubukeka sengathi lomthetho awushaya indiva osekudale ukuthi kube nomnqamulajuqu wokwenza lokhu.

Continue reading

Ube nesasasa umqhudelwano webhola lezinyawo labesifazane ebaneminyaka engu-50

Uhanjelwe izinkulungane zezibukeli umqhudelwano webhola lezinyawo labantu befisazane abaneminyaka engu-50 kuya phezulu okungowokuqala ngqa okade ubanjelwe eLimpopo eTzaneen kulomqhudelwano bekuqhathwe amaqembu angu-16 aphuma emazweni ehlukene angu-7 amaqembu akuleli azobamba iqhaza mase kuthi amanye aphuma emazweni afana noFrance Mozambique, Zimbambwe, America, Zambia ukubala ambalwa.

Continue reading