Kusungulwe isikole sokucija amaciko mahhala
Kuzoba lula ukuthola ulwazi kwezobuCiko emacikweni asemasha akuleli, kulandela ukusungulwa kwesikole sezobuCiko okwenziwe yinhlangano engenzi nzuzo
Kuzoba lula ukuthola ulwazi kwezobuCiko emacikweni asemasha akuleli, kulandela ukusungulwa kwesikole sezobuCiko okwenziwe yinhlangano engenzi nzuzo
UMasipala weTheku usebenza ubusuku nemini ukuphuthumisa ukulungiswa kwesikhungo samanzi iNtuzuma Water Pump station 2 ukuze kuqinisekiswe ukuthi amanzi abuyiswa ngokushesha emphakathini.
“Akuvumelekile ukuqashisa ngezindlu zakolindela”. Lona kube wumyalezo oqinile kaSotswebhu woMkhandlu weTheku uKhansela uSne Sishange ngesikhathi ekhuluma nabahlali baseMbhayi Transit Camp, esoThongathi, kuwadi 61 muva nje.
Lizogxila ezindaweni zasemakhaya ucwaningo oluzobe lubheka ukuzishintsha kwegciwane lesandulela ngculazi, ngemuva kokuhlasela kweCovid-19 ezweni.
Sekuvuliwe ukubhalisela umbukiso wamabhizinisi wodumo kaMasipala weTheku, iDurban Business fair (DBF) ogubha iminyaka ewu-25. Lo mbukiso wamabhizinisi uzosingathwa kusukela mhlaka 22 kuya ku 24 Septhemba e-Durban Exhibition Centre.
Ibandla iRestoration Ministries eliseSiphingo bahlele i-career day lapho bebehlanganyele khona nabazali, abafundi baka grade 10, 11, 12, nasebephothulile ugrade 12 ngokulekelelwa izikhungo zemfundo ephakeme esingabala kuzo. PC Training, Coastal Tvet College, Ukzn, Cao, ukuzokhuthaza abafundi ngokukhetha izifundo kusanesikhathi kanjalo nokumele bakuqikelele kakhulu ukuze bathole izikhala ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Izinhlelo zokukhuculula ziyaqhubeka ezindaweni ezahlukene njengengxenye yokuhanjiswa kwezidingo. Lokhu kuza ngemuva kokuthi iMeya yeTheku uKhansela uMxolisi Kaunda ehlangane nabasebenzi bakaMasipala basezifundeni ezahlukene ngenhloso yokuqinisa umsebenzi okumele wenziwe ukuze kuphuthunyiswe ukuhanjiswa kwezidingo kubantu. “Sizimisele ngokubhekana nezinselelo zokuhanjiswa kwezidingo nokuhlanza imiphakathi yaseThekwini.
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uqhubekile nokuletha usizo emindenini nezingane ezidonsa kanzima ngesikhathi enikeza amakhulu omfaniswano wesikole ezinganeni eziswele KwaMashu.
Owesilisa uVukani Nzama waseMthwalume ohlala eNanda Ebhambayi ukhombise Ubuntu ngoMgqibelo mhlaka 18 Mashi ngesikhathi evula inkundla yokunikelela umama obembukela esesiteji engamazi nokumazi.
Sekumi ngomumo ukuvulwa kweBridge City Shopping Centre lesi simemezelo sifakazelwa isimemo abasithumele kwabezindaba.