Umsebenzi WoFakazi BakaJehova Wokuhumusha Ube Ngaphezu Kobekulindelekile

Ngomhlaka- 15 July 2023 OFakazi BakaJehova bavula ngokusemthethweni amahhovisi amathathu okuhumusha asetshenziselwa ukuthuthukisa lomsebenzi eNingizimu Afrika. OFakazi BakaJehova babiza lezizindawo ngokuthi ama Remote Translation Offices (RTO). Lokhu kwenza ukuthi abahumushi bakwazi ukuhlala lapho uLwimi lwendawo lukhulunywa khona kakhulu. Lezizindawo zise Makhado, eThekwini nase Bronkhorstspruit. Zontathu izinhlelo zokunikezelwa kwalezizindawo ziqhubeke kahle kakhulu njengoba kube nabangu 1000 abafike mathupha kuyilapho abaningi bebexhume ngezobuchwepheshe ukuze babukele loluhlelo.

Continue reading

Kukhuthazwe ubumbano kuhlehla icala elibekwe Inkosi yakwa Mpumuza

Isizwe sakwa Mpumuza ngomhlaka 01 August 2023 ngoLwesibili besiphume ngothi lwaso siyokweseka iNkosi  uKhethokuhle Zondi esolwa ngokuvimbela abebeqala ukwakha imizi yabo ezizeni abazisikelwe wu Mnumzane Zwelinjani Magubane obeyinduna eyadilizwa  ekubhekeni isigodi sakwa Mpumuza.INkosi itshele abezindaba ukuthi ngo 2020 babeka umthetho wokuthi indawo kungabekwa muntu futhi unalo uhla lomhlangano okwavunyelwana  ngawo esigodlweni , yathi kuyayethusa  uma  isibekwa icala iNduna eyasuswa esikhundleni ngonyaka odlule.

Continue reading