Isiqalile iGospel Icon Discovery Auditions ehlelwe uMasipala weTheku

Umncintiswano kuthungathwa ithalente weGospel Icon Discovery (GID) usubuyile. Abaculi bevangeli abasafufusa bayakhuthazwa ukuthi bahambele inhlolokhono eqale kusukela ngomhlaka-26 kuMashi kuya kuMhlaka 23 Ephreli ezindaweni ezahlukene ngaphansi kwaMaspala weTheku. Kulonyaka kuzobe kungunyaka wesi-10 i-GID yaba khona, kanti iwu mncintiswano okuhloswe ngawo ukuvundulula ithalente labaculi bokholo abasafufusa.

Continue reading

Kukhishwe umhlaba ukuze kuthuthukiswe ukuhlaliswa kwabantu e-KZN

UNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda, uPatricia de Lille, usegunyaze ukukhishwa komhlaba ongamahektha angu-2.8 kwi-Agent yokuThuthukiswa kweZindlu (HDA) ukuze kuthuthukiswe ukuhlaliswa kwabantu kanye nokwenziwa ngokusemthethweni kwendawo ekhona kuMasipala uMsunduzi KwaZulu-Natal. Lokhu kulandela isicelo se-HDA somhlaba eMnyangweni, okuholele ekutheni uNgqongqoshe asayine ukukhululwa kwalo mhlaba ngokoMthetho weState Land Disposal Act.

Continue reading