UMasipala weTheku uphezu kwezinhlelo zokushintwa kwagesi wekhadi
UMasipala umatasatasa namalungiselelo okuqala uhlelo olusha lokuthenga ugesi wekhadi olubizwa ngeSTS 6. Lolu hlelo luzoqinisekisa ukuthi amakhasimende asebenzisa ugesi wekhadi ayakwazi ukuqhubeka nokuthenga ugesi ngemuva komnqamulajuqu wangomhla ka-24 Novemba 2024 lapho khona kuzoqedwa uhlelo lokuthenga ugesi wekhadi olusetshenziswayo njengamanje.

