
IMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba ezovotela iqembu lakhe leANC

USihlale we ActionSA uZwakele Mncwango ezovotela iqembu lakhe
IKhomishini Yokhetho Ezimele yaseNingizimu Afrika (IEC) KwaZulu-Natali isinxuse amaqembu ezepolitiki, abazimele abangenele ukhetho kanye nabasekeli babo ukuba babe nesineke, bavumele izinqubo zokubalwa kwamavoti nokufakwa kwemiphumela ukuba ziqhubeke ngokulandela imigomo nemithetho ebekiwe yokhetho.
Isikhulu Esiphezulu Sokhetho KwaZulu-Natali, uNtombifuthi Masinga, senze lesi sicelo ngoLwesine ngesikhathi iKhomishini iqhubeka nokucubungula imiphumela yoKhetho Lohulumeni Basekhaya luka-2026.
UMasinga uphinde wanxusa amaqembu ezepolitiki nabo bonke ababambiqhaza ukuba bagweme ukusabalalisa ulwazi olungakaqinisekiswa noma olungamanga mayelana nemiphumela yokhetho.
Uthe ukusabalalisa ulwazi olungamanga kungadala ukungezwani okungenasidingo, kwehlise ukwethenjwa kwezinqubo zokhetho ngumphakathi, kubhebhethekise udlame, kuphinde kuholele ekulimaleni kwabantu nasekucekelweni phansi kwempahla.
KUQHUBEKA KAHLE UKUBALWA KWAMAVOTI
Esethula umbiko ngenqubekelaphambili yokubalwa kwamavoti, uMasinga uthe umsebenzi uqhubeka kahle kuzo zonke izikhungo zokuvota, kanti azikho iziphazamiso ezibikiwe ezithinte ukubalwa kwamavoti.
Kuze kube yihora le-12 emini ngoLwesine, iKhomishini ibisimukele amaphepha emiphumela angu-4 872, okulingana no-35% wamaphepha angu-14 245 okulindeleke ukuba atholakale.
Kulawo maphepha, angu-4 452, okulingana no-31.3%, abeseskeniwe afakwa ohlelweni lwemiphumela, kanti angu-3 432, okulingana no-24.1%, abesehloliwe ngokuzimela ukuze kuqinisekiswe ukunemba kwawo.
UMasinga uthe iKhomishini isiyitholile yonke imiphumela evela komasipala ababili abancane esifundazweni, okuyi-Endumeni ne-Emadlangeni.
Uchaze ukuthi nakuba le miphumela isifakiwe ohlelweni, ngeke ishicilelwe ngokushesha ngoba kusadingeka ukuthi iphothule isigaba sokuhlolwa nokuqinisekiswa.
Uthe iKhomishini iyaneliseka ngezinga lomsebenzi wokufakwa kwemiphumela oqhubeka emahhovisi ayo.
Kumasipala waseThekwini, ongumasipala omkhulu kunabo bonke KwaZulu-Natali, abaphathi bezindawo zokhetho basaqhubeka nokuthutha imiphumela ezikhungweni zokuvota beyiyisa eSikhungweni Sokusebenza Ngemiphumela Yokhetho Sesifundazwe.
Abasebenzi beKhomishini baphinde basebenze ukulungisa izinkinga ezihlonzwe uhlelo lokufakwa kwemiphumela.
UMasinga uchaze ukuthi uhlelo lusebenzisa imikhawulo yamaphesenti esivele ibekiwe ukuze kuhlonzwe imiphumela engahambisani nezilinganiso ezilindelekile.
Uma kutholakala umphumela ongaphandle kwale mikhawulo, uhlelo luwumaka ngokuzenzakalelayo ukuze uphinde uhlolwe.
Uthe yonke imiphumela emakwe njengedinga ukuhlolwa iyacutshungulwa ngokucophelela ukuze kuqinisekiswe ukunemba kwayo nokuthi iyahambisana yini nemigomo ebekiwe.
Uma sekuqinisekisiwe ukuthi umphumela unembile, uphawu lokuthi udinga ukuhlolwa luyasuswa ohlelweni, bese umsebenzi wokucubungula imiphumela uqhubeka.
CISHE BANGU-3 MILLION ABAVOTILE KWAZULU-NATALI
Izibalo zokuqala zikhombisa ukuthi bangu-2 937 250 abantu abavotile KwaZulu-Natali, okuyisibalo esilingana no-49% wabavoti.
IKwaZulu-Natali ibe yisifundazwe esibe nesibalo sesibili esiphezulu sabantu abavotile ezweni lonke, ilandela iGauteng, lapho kuvote khona abantu abalinganiselwa ezigidini ezintathu.
Nokho, iKhomishini igcizelele ukuthi lezi zibalo zisengezesikhashana njengoba kusafakwa olunye ulwazi ohlelweni.
IZIGAMEKO EZIBIKIWE NGESIKHATHI SOKHETHO
UMasinga uphinde wabika ngezigameko zokunqamuka kukagesi ezithinte izikhungo zokuvota eziyisishiyagalombili endaweni yaKwaMakhutha, kuWadi 94, kanye nesikhungo sokuvota esiseLugobe High School, kuWadi 96.
Kwesinye isigameko esibuhlungu, owesifazane osekhulile ushone ngesikhathi ethuthwa eyiswa esibhedlela esuka esikhungweni sokuvota eShallcross Primary School, kuWadi 72.
IKhomishini Yokhetho idlulise amazwi enduduzo emndenini, ezihlotsheni nakubathandiweyo balona wesifazane oshonile.
IKhomishini iphinde yagcizelela ukubaluleka kokubambisana nokubekezela ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi wokubalwa, ukuhlolwa nokuqinisekiswa kwemiphumela yokhetho, ukuze kugcinwe ukuthula nokwethembeka kwezinqubo zentando yeningi.
Umthombo: SAnews.gov.za |

