
ESITHOMBENI- UMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ngesihathi ethula inkulumo yakhe emva kokumenyezelwa kwemiphumela yokhetho lohulumeni baseKhaya lwango 2026
UMengameli Cyril Ramaphosa unxuse amaqembu ezepolitiki ukuba abeke izidingo nemigomo yemiphakathi phambili kunokulwela amandla nezikhundla zezombusazwe, njengoba eqhubeka nezingxoxo zokwakhiwa kohulumeni bomasipala kulandela ukhetho loHulumeni Basekhaya lwango-2026.
Ekhuluma emcimbini wokumenyezelwa kwemiphumela yokugcina yokhetho eSikhungweni Sokusebenza Kwemiphumela Yokhetho seKhomishini Yokhetho Ezimele (IEC), eMidrand, ngeSonto, uMengameli uxwayise ngokuthi ukungaboni ngaso linye kwezepolitiki akumele kuphazamise ukuzinza komasipala noma kubambezele ukuhlinzekwa kwezidingongqangi ezibalulekile emphakathini.
“Komasipala lapho kungekho qembu lezepolitiki elithole iningi eliphelele lamavoti, abameleli abakhethiwe kuzodingeka bathole indlela yokusebenzisana. Lokhu akusho ukuthi intando yeningi ibuthaka, kodwa kukhombisa izinqumo ezenziwe ngabantu ngokuvota kwabo.
“Abavoti banikeze abameleli babo umsebenzi wokusebenzisana, ngisho noma benemibono engafani,” kusho uRamaphosa.
UMengameli uthe izingxoxo zokwakhiwa kohulumeni bomasipala kumele ziqondiswe yizidingo zomphakathi, hhayi ukuncintisana ngezikhundla, amalungelo akhethekile noma ukwabiwa kwamandla okubusa.
“Ukuzinza komasipala bethu akumele kubekwe engcupheni ngenxa yezifiso ezincane zezombusazwe. Ukuhlinzekwa kwezidingongqangi akumele kuphazanyiswe ukungaboni ngaso linye kwamaqembu ezepolitiki.
“Abantu abavotanga ukuze abameleli babo bachithe iminyaka emihlanu ezayo belwa bodwa. Bavotile ngoba balindele ukuthi izimpilo zabo zibe ngcono,” kusho uMengameli.
AMAQEMBU ANXUSWA UKUBA ASEBENZISANE EKUBUSENI OMASIPALA
UMengameli Ramaphosa uthe imiphakathi ilindele imikhandlu yomasipala esebenza kahle, izikhulu ezinekhono kanye nobuholi obunesibopho.
Unxuse amaqembu ezepolitiki ukuba abeke eceleni ukungaboni ngaso linye kwawo, asebenzisane ukuze kuhlomule izakhamuzi.
Uphinde wanxusa ukuthi imikhandlu yomasipala isungulwe ngaphandle kokubambezeleka, amaqembu axoxisane ngokwethembeka ukuze kukhethwe abaholi bemikhandlu futhi omasipala baqale ukusebenza.
“Izabelomali kumele ziphasiswe ngesikhathi. Labo abakhethiwe kumele bathole indlela yokuvumelana nokusebenzisana.
“Ngokubambisana, kumele senze ohulumeni basekhaya babe yinjini yokulethwa kwezidingongqangi, intuthuko kanye namathuba kubantu,” kusho uRamaphosa.
UMengameli uhalalisele amakhansela asanda kukhethwa, wawakhumbuza ukuthi azosebenza esigabeni sikahulumeni esiseduze kakhulu nempilo yansuku zonke yabantu baseNingizimu Afrika.
Uthe umsebenzi wawo awugcini ngokuhlala ezihlalweni zemikhandlu yomasipala, kodwa uhlanganisa ukulalela imiphakathi, ukuphendula izidingo zayo kanye nokubhekana nezikhalo zabantu ngokwethembeka nangobuqotho.
“Umsebenzi wenu ukubeka izidingo zezakhamuzi phambili kunezifiso zenu siqu noma izinzuzo zezombusazwe. Kumele nikhumbule nsuku zonke ukuthi ukuba sesikhundleni somphakathi kuyilungelo elihambisana nesibopho sokusebenzela abantu.
“Ukhetho seluphelile. Manje sekumele kuqale umsebenzi wokusebenzela abantu,” kusho uMengameli Ramaphosa.
ABANTU BAFUNA AMANZI, UGESI, IMISEBENZI NOKUPHEPHA
UMengameli uthe ukhetho lwenzeke ngesikhathi iNingizimu Afrika ibhekene nezinselelo ezinkulu zezenhlalo nezomnotho, ezihlanganisa ukukhuphuka kwezindleko zokuphila, ukuntuleka kwemisebenzi, ikakhulukazi entsheni, kanye nokungagculisi kokuhlinzekwa kwezidingongqangi komasipala emiphakathini eminingi.
Uthe abantu baseNingizimu Afrika bafuna ukuhlala emiphakathini ephephile, lapho ingqalasizinda yomphakathi inakekelwa khona, amabhizinisi ekwazi ukukhula, nentsha ithola amathuba okuzithuthukisa.
“Abantu bafuna imisebenzi namathuba. Bafuna amanzi aphuma kompompi nogesi osebenza ngendlela efanele.
“Bafuna udoti wabo uqoqwe, amapaki abo anakekelwe kanye nemigwaqo yabo iphephe,” kusho uRamaphosa.
UMengameli ugcizelele ukuthi abameleli bomphakathi abakhethiwe bazokwahlulelwa ngokuthi bayakwazi yini ukuguqula izethembiso abazenze ngesikhathi somkhankaso wokhetho zibe yintuthuko ebonakalayo ezimpilweni zabantu.
UHULUMENI UHLELE UKUQINISA UKUSEBENZA KOMASIPALA
UMengameli uthe i-White Paper on Local Government ebuyekeziwe, ehlose ukwenza izinguquko ezibalulekile endleleni omasipala abasebenza nabaphathwa ngayo, izoba wuhlaka lokuqinisa uhlelo loHulumeni Basekhaya.
Lo mgomo wenqubomgomo uhlose ukuqinisa ukusebenza komasipala, ukuthuthukisa ukuphathwa kwezimali zabo, ukuqondisa izinsiza ekulungisweni nasekunakekelweni kwengqalasizinda, kanye nokuqinisekisa ukuthi izidingongqangi zihlinzekwa ngendlela esebenza kahle nethembekile.
UMengameli uphinde wakhuluma ngokubaluleka kokhetho lwango-2026, olwenzeke ngonyaka lapho iNingizimu Afrika igubha iminyaka engama-30 kusukela uMthethosisekelo wezwe wasayinwa waba ngumthetho.
Uthe ukubamba iqhaza kwamaqembu ezepolitiki angaphezu kwama-540 kanye nabangenele ukhetho abacishe babe ngu-137 000 kukhombisa amandla entando yeningi yaseNingizimu Afrika, evumela amaqembu amaningi ukuba abambe iqhaza kwezombusazwe.
Uthe ngesikhathi intando yeningi ibhekene nezinselelo ezingxenyeni eziningi zomhlaba, abantu baseNingizimu Afrika baphinde bakhombisa ukuqina nokusimama kohlelo lwentando yeningi yezwe.
ABANTU SEBEKHULUMILE NGAMAVOTI ABO
UMengameli Ramaphosa ugcizelele ukuthi amandla okubusa anikezwa ngabantu kulabo ababakhethile, ngakho kumele asetshenziswe njalo ngendlela ezohlomulisa umphakathi.
“Abantu sebekhulumile. Isinqumo sabo kumele sihlonishwe. Izikhalo zabo kumele zilalelwe, futhi okulindelwe yibo manje kumele kufezwe.
“Masisebenzisane ukwenza ohulumeni basekhaya basebenzele wonke umuntu waseNingizimu Afrika,” kusho uRamaphosa.
Ukhetho loHulumeni Basekhaya lwango-2026 lubanjwe ngoLwesithathu, mhla zizi-4 Novemba 2026, kanti ukuvota okukhethekile kwenzeke mhla zi-2 no-3 Novemba 2026.
Imiphumela yokugcina yokhetho imenyezelwe yiKhomishini Yokhetho Ezimele (IEC) eGallagher Convention Centre, eMidrand, ngeSonto.
Umthombo: SAnews.gov.za

