USthembiso Gumbi ucela ozomfakela umculo wakhe kwi-inthanethi

USthembiso Gumbu(22)odabuka eHluhluwe KwaMhlabuyalingana ungene endimeni yezomculo eneminyaka engu-15 ecula amaculo eHip-Hop Kanye nawothando nge stage sikaNetwork S.A.

“Ngingene ngimncane kakhulu ekuculeni kodwa ngenxa yendawo engiqhamuka kuwo akukho lula ukuthi uphumelele ukufezekisa amaphupho akho njengoba kuyindawo yasemakhaya. Sengiqophe amaculo awu12 nokuyizona zingoma ebengizama ngazo ukuthi abantu bangazi nami ngonyaka ka 2015 ngikhiphe ingoma ethi: STHANDWA BEKEZELA, SEKUKADE, SBASELUMLILO, kwathi ngo 2017 ngadedela ethi STHANDWA SAMI, U-2018 kwaba isikhathi esinzima kakhulu kumina njengoba ngashiywa umama emhlabeni ngase ngibhala ingoma ethi UKUFA, kuthe ngonyaka ka2019 kuya ku2022 ngakhipha izingoma ezingu-7 nengicelayo ukuthi bantu bangeseke kuzona ngokuthi bazidlale” kusho uNetwork SA ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla.

Eqhuba inkulumo yakhe uthe uyafisa engathi angathola uxhaso njengoba eyintandane akukho lapho ethola khona usizo kodwa uyazama ngoba umculo into ephila kuye egazini, ngakho uyafisa ukuthola umuntu ozomulekelela ukuthi afake umculo wakhe ezinkundleni ezidayisa umculo kwi-inthanethi ukuze naye athole imali, kanti uyacela nomphakathi ukuthi umlandele.

Uma ufisa ukuxhasa uNetwork SA ungashayela kule nombolo ukuze uxhumane naye: 0728014017, noma ufisa ukuzwa umculo wakhe ungashayela yona inombolo efanayo njengoba usatholakala kuyena kuphela umculo wakhe.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *