Ukaputeni waMaZulu FC uMakhehleni Makhaula usezojoyina i-Orlando Pirates ekupheleni kwesizini kulandela izindaba ezisabalale ezinkundleni zokuxhumana ukuthi lo mdlali wasesiswini usezovalelisa eqenjini ngoba ingekho indlela eya phambili ezingxoxweni zenkontileka entsha.
Yize kubukeka sengathi lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala ubezimisele ngokunikela ngekusasa lakhe kuleli qembu laseKZN nokugcine kuba amaphupho ashabalalele emoyeni.
AmaBhakabhaka aqale ukukhombisa intshisekelo kulo mdlali owayedlalela iFree State Stars ekuqaleni kwesizini ngaphambi kokuthi angene ezinyangeni eziyisithupha zokugcina enkontilekeni yakhe Usuthu.
Ngokubika kwelinye iphephandaba iFARPost ithi uMakhaula kuzwakala ukuthi ubhale inkontileka yokuqala neZimnyama Ngenkani kanti uzojoyina lezi zinkunzi zaseSoweto ngoJulayi.
UMakhaula uyawashiya AmaZulu, uzohamba mahhala ngoJuni 30 lapho inkontileka yakhe iphela noSuthu njengoba esesayine inkontileka yakhe yokuqala nePirates.

