THOBILE MBATHA
ISouth African Bureau of Standard (SABS) inxusa iphinde ikhuthaze abathengi ukuthi baqaphele ukudla abakuthengayo ikakhulukazi okupakishwayo ngokuhlola amalebula ngaphambi kokuthi bakuthenge njengoba sibhekene nesimo sokucishwa konga kukagesi, imikhawulo yamanzi kanye nokushisa okweqile.
Ngokwesitatimende esithunyelwe sithe, lokhu kuhlanganisa nokuqinisekisa izindlela zokuhlanzeka kokudla ukuthi ziyabhekwa lapho kuthengwa noma kulungiswa khona ukudla. Isabs ihlezi ingcizelela ukuthi imithombo yokudla kanye nemikhiqizo yaseNingizimu Afrika ziyabhekana nezidingo zokuphepha kokudla.
“Okunye ukudla kanye nemikhiqizo kuyonakala ngokushesha ezimweni ezifudumele kanjalo nezinomsokama ngakho kubalulekile ukuthi wonke umuntu aqaphele kakhulu mayelana nokuphepha kokudla. Abathengi bangaqhubeka ngokuhambisa ukudla ngama-cooler box kanjalo nabathengisi kudingeka baqinisekise ukuthi imikhiqizo eyahlukene ebandayo esuke iyezitolo lugcinwe kahle luze ludayiselwe abathengi.
Ngokukhuphuka kwamazinga okushisa kanye nokucishwa kukagesi abathengi kumele baqaphele umthelela ongemuhle ekudleni ngaphambi kokuthi bakuthenge baphinde babheke nokungcola okungaba khona ekudleni ngaphezu kwalokho.” Kusho uBisson. oyibamba le-CEO yakwa-SABS.
Siqhuba sithe, Njengamanje i-Food Safety System Certificate 22000 (FSSC 22000).iwuhlelo oluphelele lwesitifiketi sokuphepha kokudla ngokwehlukana kwemikhiqizo ngaphezu kwalokho ithimba lakwa-SABS lase laboratory lingakwazi ukubona amaphesenti omsoco ezithako, izibulala zinambuzane nanoma iyiphi into engase ibenobungozi okanye ilimaze abathengi ephetha.

