SAMUKELISIWE MBONAMBI
UMnyango wezeMfundo eyisisekelo uthe ukuqala kwesigaba IV kuhambisana nokuqala konyaka wokufunda ka-2023, futhi kunikeza intsha ithuba lokuba sezikoleni ngesikhathi esibucayi lapho idingeka khona.
Lokhu kulandela impumelelo yeSigaba I – III, lapho kwavuleka khona amathuba emisebenzi angaphezu kuka-850 000 entsheni.
Inhloso yeSigaba IV ihlelelwe amathuba emisebenzi angu-255 000 entsheni kuzo zonke iziFundazwe eziyisishiyagalolunye (9). U-255 000 uhlukaniswe waba amaqoqo amabili u-+/-150 000 kanye no-105 000 wentsha ngokulandelana. Iqembu lokuqala liqale mhlaka -1 kuFebhuwari 2023, kanti iqoqo lesibili labangu 105 000 lizoqala ngomhlaka 1 Meyi 2023. Nokho, iKwaZulu-Natali neNtshonalanga Kapa zizoqoka iqoqo ngalinye, kusukela mhlaka1 Febhuwari nangomhlaka 1 Mashi 2023 ngokulandelana.
“I-PYEI-BEEI iphakamisa ukuthi kunesikole sikahulumeni kuyo yonke imiphakathi eNingizimu Afrika, esivumela uhulumeni ukuthi anikeze amathuba emisebenzi entsheni okujwayeleke ukuthi ishiye imiphakathi yayo ukuze ifinyelele emathubeni ancono.
“Ngakho-ke ukubandakanywa kwabantu kuyinsika esemqoka yalolu hlelo. Ngokunjalo, izikole zigqugquzelwe ukuthi zinikeze amathuba entsheni ekhubazekile nabesifazane abaningi ” kusho i-DBE.
Umnyango uthe izikole nazo sezikhonjiwe ukuthi zibeke eqhulwini intsha ehlala emiphakathini lapho izikole zikhona. Ngale ndlela, akudingekile ukuthi umuntu asebenzise imali uma eya noma ebuya esikole aqashwe kuso.
I-PYEI Phase IV ihlose ukuhlinzeka intsha ngamakhono anzima adingekayo emsebenzini.
ISigaba IV okugxilwe kuso kwesekwa othisha ukuze kwenziwe ngcono imiphumela yokufunda. Iningi lentsha lizobe lisebenzisana nothisha ekilasini njengabasizi bohlelo lwezifundo.

