SAMUKELISIWE MBONAMBI
IPhalamende lithi uhlelo lokwakhiwa kabusha kwezakhiwo zasePhalamende ezicekelwe phansi ngomlilo luzophothulwa zingakapheli izinyanga ezingu-24 ngemuva kokushisa kwalo ngoJanuwari odlule. UNobhala wePhalamende, uXolile George, umemezele lokhu esithangamini nabezindaba ngesonto eledlule lapho edlulisa imininingwane yokwakhiwa kabusha kwezingxenye zezakhiwo zasePhalamende ezicekelwe phansi umlilo.
Umlilo waqubuka ngomhlaka-2 Januwari 2022 futhi washa okungenani izinsuku ezintathu wathinta kabi iPhalamende elidala kanye nezakhiwo zePhalamende Likazwelonke lezi zakhiwo amagumbi ePhalamende Likazwelonke kanye namahhovisi abalulekile ePhalamende.
“Kucatshangwa ukuthi iProjekthi izophothulwa zingakapheli izinyanga ezingu-24 kodwa futhi kuvunyelwe ezinye izinyanga eziyi-6 ukuze kubhekwane nezihibe kanye nezinselelo eziqubuka ngemuva kokuphothulwa komsebenzi.
“Ngenxa yobukhulu bomonakalo bekubhekwe ukuthi kuzothatha noma yikuphi phakathi kwezinyanga ezingu-42 nezingu-48 ukwenza lo msebenzi kodwa kuyasijabulisa ukuthi engxoxweni yethu ne-DBSA basinike isiqiniseko sokuthi lo msebenzi ungenziwa zingakapheli izinyanga ezingu-24,” kusho uGeorge.
UNobhala wePhalamende uthe basakweleta abesilisa nabesifazane abangaphezu kuka-300 abezicishamlilo nokuhlenga abasebenza ngokuzikhandla amahora angu-71 ukunqanda umlilo, ngaleyo ndlela bahlenga zonke ezinye izakhiwo zomlando zePhalamende.
Ngonyaka odlule ngesikhathi kuqhubeka iSitatimende senqubomgomo yesabelomali sesikhathi esimaphakathi, uNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana wabela iphalamende u-R2 billion wokwakha kabusha iphalamende.
UGeorge utshele isithangami sabezindaba ukuthi iPhalamende ne-Development Bank of South Africa Limited (DBSA), ngokusebenzisa i-Infrastructure Delivery Division (IDD), bavumile ukusebenzisana nabanye ababambiqhaza abafana ne-DPWI kanye noMnyango wezeziMali, mayelana nokuqala komsebenza wephrojekthi.
“I-DBSA iwuhlaka olufaneleka kakhulu ukubamba le ndima, uma kubhekwa ubungcweti bayo kanye nesitatimende sekhono abasikhombisile ngokusiza inqwaba yeminyango kahulumeni ekuqaliseni amaphrojekthi amakhulu wengqalasizinda” kusho uGeorge.

