SAMUKELISIWE MBONAMBI
UMengameli uMnu Cyril Ramaphosa usememezele uDktl. Kgosientsho Ramokgopa njengoNgqongqoshe omusha kagesi ozosebenzisana nehhovisi likaMengameli, loNgqongqoshe walesikhundla esisanda kusungulwa umenyezelwe uMengameli ngesikhathi ekhuluma nezwe ngoMsombuluko ebusuku.
URamaphosa uthe uDktl. Ramokgopa uzohola uhlelo lukahulumeni lokunciphisa ukucinywa kukagesi kuphindelelwa ngokushesha kanye nokuqinisekisa ukuqala kohlelo lwe-Energy Action Plan.
Eqhuba inkulumo yakhe uthe uNgqongqoshe kaGesi uzophinde anikezwe amandla okwenza izinyathelo eziphuthumayo ezidingekayo ukuze kuxazululwe inkinga kagesi ngokusebenzisa imithethonqubo kagesi esanda kushicilelwa kwiGazethi kazwelonke ngaphansi kweNational State of Disaster.
“Imithethonqubo yezinhlekelele esanda kushicilelwa inika uNgqongqoshe wezikagesi amandla okukhipha iziqondiso, ukukhipha izinsiza ezibalulekile ekucimeni kukagesi, ukusheshisa izinqubo ezahlukene zokulawula amaphrojekthi kagesi, ukwenza u-Eskom akwazi ukulungisa okubalulekile ngokushesha nangempumelelo” kuchaza uMengameli.
UDktl. Ramokgopa uqokelwa esikhundleni esisha nje ubekade enguNgqongqoshe wezokuTshalwa kweZimali neNgqalasizinda ehhovisi likaMengameli nokuyisikhundla asesibambe kusukela ngonyaka ka-2019. Uthole iziqu zakhe zobuDokotela (PhD) Kwizindaba Zomphakathi ngo-2019 kanti uphinde abe neBachelor of Science in Civil Engineering, Master’s degree in Public Administration kanye neMasters Degree in Business Leadership. – SAnews.gov.za

