UMfezeko Cingo ucela abantu ba-download umculo wakhe

UMfezeko Cingo(25) odabuka e-Eastern Cape endaweni yaseLusikisiki ungene endimeni yomculo ngonyaka ka2015 enza umculo  weHip-Hop kanye neRnB kanti useke waba ngisho namandla okukhipha ingoma  ethi TCU II ayeqoke kuyo u-Inverze, Kellz, Apex & Heezy Tourz ukuthi basebenzisane.

“Endimeni yomculo ziningi izingoma engizikhiphile abantu abazithanda engizisebenzise njenge ndlela yokuthi ngizazise okanye ngizimakethe ungabala ethi Tag along Ft Apex & Kellz, Revenge Ft Naomi & Kellz, stick to the plan Ft kung kuddy & Mase Marley, Idlozi ft Chicco Dinski & King ELV ukubala ezimbala. Kumanje kukhona ingoma engiyikhiphile ethi Akulaleki engisebenze kuyo nomculi odabuka eLimpopo uBhlain nengicelayo abantu ukuthi bayi downloade bayilalele ngiyabathembisa angeke bazisole, okunye engifisa abantu bakwazi ukuthi kune projekthi engisebenze kuyo ngokubambisana noDJ Hope ongomunye woDj  engibaziyo abasebenza ngokukhulu ukuzikhandla” kuchaza uDJM820 elandisa iphephandaba.

Ephetha uthe uyafisa abantu bazinike ithuba balalele umculo wakhe baphinde bamulandele ngoba kuningi asazokwenza, ube esecela nomphakathi waseLusikisiki ukuthi ubeseke abaculi basendaweni abahlala kuyo.

Uma ufisa ukuzwa umculo kaDJ M820 ungawu download kuYouTube, Audiomack, soundcloud naku Slikouronlife. Noma usebenzise lezi zindlela ukuxhumana naye Phone number: 0730944100/ Email  :mfezekocingo820@gamil.com /Facebook : Cingo Mfezeko  or DJ M820.