THOBILE MBATHA
Abafakizicelo zokufunda ngohlelo lwe-Central Applications Office (CAO) abaqaphele amaqola asebenzisa izinkundla zokuxhumana ukubasiza.
Lokhu kulandela ukuthi eseqalile ukuphosta amaqola ngaphansi kwezikhungo ezithile ezithembekile ememezela ukuthi sekuqaliwe ukufaka izicelo futhi ibona abangakwazi ukusiza uma ufisa ukungena ngaphakathi ngo-connection wabo ngokuthi ukhulume nabo eceleni ku-inbox bakusize.
Nokuyinto abanye abalandeli balelikhasi likafacebook bekhalile ngayo bethi, ayikho into enjalo abafuna ukufunda abaziyele kuma-internet cafe nasema-library ukuze bezothola ukusizakala okuphephile. Nokuyilapho lona ofuna ukuqola abantu ephendule wathi, noma bengaya ema-library ngeke izicelo zabo zamukelwe uma bengenawo u-connection nokushiye abaningi bemangele.
Esitatimendeni esikhishwe abakwa-CAO lowo oyinhloko yezokuxhumana, Unksz. u-Eileen Keleghan uthe “Iningi labafake izicelo ze-CAO lizovunyelwa ukushintsha izicelo zabo kanti ukufaka izicelo kuvulwe ngoFebhuwari kuzovalwa ziwu-5 Meyi ngo-5pm.
Ukufaka isicelo ku-CAO vakashela ku-ww.cao.ie futhi uqaphele imigomo nemibandela iyasebenza.noma ushayele iCall Centre on 031 268 4444 or Sharecall 086 086 0 CAO/226.” ephetha.

