UMxolisi Khumalo (19) waseNanda, Ohlange ungene endimeni yezomculo we-Afro- Pop eneminyaka engu-13 ngonyaka ka2016 esafunda amabanga aphansi esikole uGrade4.
Ekhuluma nephephandaba lomphakathi iKZN Namuhla uthe: “Umculo ngiwuqale ngimuncane kakhulu kodwa ngokukhula kweminyaka nami indlela engiwuqonda ngakhona umculo ithe ukukhula manje nokungenza ukuthi ngikholelwe kumina njenge ciko elingakwazi ukudlulisa umlayezo ozoshintha abantu abaningi ngomculo nje uwodwa. Okwamanje awukho umculo engisake ngawukhipha phambilini kodwa kukhona lapho ngiqophe khona yize izingoma ibingakangithumeleli inkampani engisebenze nayo ngoba basazipholisha kahle ukuze zizongakhela igama elihle ebantwini njengoba ngizobe ngiqala ukukhipha” kuchaza uMxolisi
Egoqa inkulumo yakhe uthe angakujabulela ukuthola iStudio noma umuntu angasebenzisana naye owenza umculo njengoba okwamanje esasebenza njenge ciko elizimele aphinde athola umuntu ongamuxhasa nge-cellphone azoyisebenzisa ukuthi akhangise umculo wakhe ngisho ezinkundleni zokuxhumana ngoba esikhathini samanje yonke into seyenziwa ibe-online ukuze abantu bayibone kalula uyakholelwa ukuthi ukuthola i-cellphone kuyomulekelela kakhulu ngisho nokuzibonakalisa kuTikTok.
Uma ufisa ukuxhumana noMxolisi mayelana nokumxhasa nokunye ungamshayela kule nombolo: 0633180415.

