UMluleki Ngcobo uthembisa lukhulu ngengoma yakhe entsha ayiphekayo unxusa abahleli bemicimbi bamuqashe

UMluleki Ngcobo (25) ongumculi kaMaskandi istage name sakhe iNkonyane LikaShayina waseNdwedwe esigodini saseMalangeni kanti utholakala khona futhi
Uqale indima yakhe yezomculo kaMaskandi ngonyaka ka 2018, kumanje usenama Albu amabili eyokuqala wayikhipha eThekwini Thekwini e GMD Studio’s ehloko sayo sithi kwakungama Ear phone’s wenza eyesibili eMlazi eSlivers Liver Studiosesihloko sayo sithi uNkunzebovu kanye nethi IBULAWO okuyiyo asaphusha ngayo namanje
Kuyimanje uMluleki uthi upheka ama Album akhe amabili ahlose ukuwakhipha kuwo lonyaka ka 2023 Kanti uthi uthembisa lukhulu ngawo. Okunye uthi ufisa ukuthola umuntu azosebenzisana naye ongaba imenenja yakhe aphinde adlulise icelo kubahleli bemcimbi ukuthi bamkhumbule emicimbini yabo
“Nginesikhalo ngokubukelwa phansi kwa amaCiko ase NDWEDWE ebukelwa ngumaspala wakithi e NDWEDWE. Umaspala uhlela imicimbi kodwa akawaniki ithuba amaCiko endawo kunalokho uncamela ukuqasha akwenzinye izigodi sikhona sekukaningi bekwenza kanti akusihathi kahle njengamaciko endawo siyafisa basikhumbule nathi ngelinye ilanga singamaCiko endawo uma silahlwa abakith siyobhekwa kuphi”. Kuzikhalela uNgcobo.
“ Umculo wami okwamanje ngiziphushela mina ngokuthi ngiye kubantu kanti usatholakala kimi kodwake ngisezinhlelweni zokufaka online. Ngiyafoneleka kule number ngiphinde ingi whatsapp ngayo 0768853003, ngitholakale ku Tik tok ethi Nkomencane kuvela mina bese ku Facebook khona ipage lam ubhala uthi inkonyane likashayina music maskand ngaphansi kwe page lam kant i profile yam ubhala uthi ipholoba likashayina”. Ephetha.