SHEILA MHLONGO
UNdunankulu waKwaZulu-Natali uNkk Nomusa Dube-Ncube ubambe izingxoxo ezimayelana nokucacisa ngomsebenzi wokweseka ihhovisi leSilo Inkosi uMisuzulu kaZwelithini.UDube-Ncube ube nezingxoxo neSilo eSigodlweni KwaKhangelamankengane ngoLwesihlanu lomhlaka 09 Juni.
Ngokwesitatimende esithunyelwe kwabezindaba sithi uDube-Ncube ekanye neSilo babambe izingxoxo ezimayelana nomsebenzi kahulumeni wesifundazwe ohlanganisa ukwengamelwa nokuphathwa kwezindaba zaseNdlunkulu, uBukhosi kanye nokunye.
Isitatimende siqhuba sithi, lomhlangano obuphakathi kukaNdunankulu neSilo uMisuzulu,uzosiza kakhulu ukuqinisa ubuhlobo bokusebenzisana kanye nokwethembana phakathi kukahulumeni waKwaZuluNatali kanye Nendlu yoBukhosi.
Phakathi kwezinye zezinto okuxoxiswane ngazo kulomhlangano kube udaba lweSabelomali seNdlu yoBukhosi,(Royal Household Budget). UNdunankulu asichaze ngokuthi sihlanganisa imiholo yabasebenzi, izimpahla, kanye nemisebenzi yokunakekela inhlalakahle yeSilo kanye nomndeni waseNdlunkulu.Kanti nodaba lweTrust nalo alusalanga ngaphandle kulezingxoxo.
UNdunankulu ube esebonga Isilo ngethuba lokubamukela esiGodlweni ukuze babe nezingxoxo ngokukhethekile endaweni enesizotha ngaphandle kokuthi kukhulunywe izindaba ezimqoka esidlangalaleni.
“Siyabonga kuwe Hlanga Lomhlabathi ngokusinikeza ithuba lokuthi sixoxisane nawe ngokukhethekile endaweni enesizotha, ngaphandle kokukhuluma esidlangalaleni izindaba ezibalulekile zeNdlu yoBukhosi”. Kusho uNdunakululu.
UNdunankulu uphinde wezwakalisa ukuthi bayasihlonipha isinqumo seSilo sokuziqokela uSihlalo we Ingonyama Trust ukuba engamele iBhodi, nophinde wamukelwa uMnyango wezoLimo kanye nokuThuthukiswa kweziNdaba zaseMakhaya ophethwe uNkk Thoko Didiza.
Lezizingxoxo phakathi kweSilo uMisuzulu kaZwelithini kanye noNdunankulu uDube-Ncube, ziphethe ngokwamukeliswa, kwaso Isilo ngesipho sonyanyavu lwemoto yohlobo oluphambili.

